Ibuyile imidlalo ye Dstv Premiership kulempelasonto

Sabie Chili

Ibuye izolo imidlalo ye Dstv Premiership emva kwekhefu elithathe inyanga yonke ngenxa omqhudelwano we Africa Cup of Nations obubanjelwe e-Ivory Coast.

Izolo ubumunye nalapho Supersport Utd ne Stellenbosch FC bedlale ngokulingana ngo 1-1.

Namuhla amehlo azobe the njo kowe Mamelodi Sundowns ne Orlando Pirates Loftus stadium ngehora lesishiyagalombili kusihlwa.

Kulomdlalo okubhekwe umqeqeshi we Downs uRhulani Mokwena ukuthi uzomisa kanjan ngabadlali bakhe ebebeyibambe kuBafana Bafana kwi Afcon, ukuthi uzobadlalisa yini noma uzobaphumuza ngesizathu sokuthi bayidlale yonke imidlalo ye Afcon.

 Ngakolunye uhlangothi Kubhekwe uThembinkosi Lorch osayine kuMaBrazillians ngojanuary esuka kuyo iBhakhaniya.

Eminye imidlalo ekhona namuhla naksasa ngesonto imi kanje: 

NAMUHLA

EDobsonville stadium: Moroka Swallow v Polokwane City 15h30

EBuffalo City stadium: Chippa Utd v Cape Town City 17h30

EAthlone stadium: Cape Town Spurs v Amazulu FC  17h30

EPeter Mokaba stadium: Sekhukhune Utd v Richard’s Bay FC  17h30

KUSASA NGESONTO

Harry Gwala stadium: Royal AM v Kaizer Chiefs  15h30

EMbombela stadium: TS Galaxy v Golden Arrows  17h30

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *