By Sabie Chili
UNGQONGQOSHE wezemidlalo, ezobuciko namasiko eningizimu Africa, uZizi Kodwa usenxuse wonke umphakathi wakuleli ukuba ubungaze ndawonye ukuhlanganisa nokubungaza impumelelo yeqembu lesizwe Amabhokobhoko emva kokunqoba indebe yomhlaba eyayibanjelwe ezweni lase France kulonyaka ngosuku lwangolwesihlanu kweholidi lomhlaba 15 Disemba.
Lolusuku lwangolwesihlanu lwaziwa nge National sports Day Celebration.
Iqembu lesizwe Amabhokobhoko LINGOMPETHA bendebe yomhlaba eyayinqoba Kulonyaka, iyinqoba lendebe izikhawu ezine, nokuwumlando omkhulu emhlabeni jikelele.
Umengameli wezwe wase Ningizimu Africa uCyril Ramaphosa waveza ukuthi usuku lwangolwesihlanu luyi holidi ngenhloso yokubungaza nokuhalalisela iqembu Amabhokobhoko.
UNGQONGQOSHE wezemidlalo, namasiko ezobuciko uZizi Kodwa usenxuse umhlali wakuleli ukuba wonke umuntu aggqoke amajezi Amaqembu wonke lesizwe ngolwesihlanu
Uqhube wathi ezemidlalo zinamandla okuhlanganisa isizwe sonkana kanye ne inhlangano ezahlukene.
| ReplyForward |
