By Sabie Chili
Yimpi yodwa kulempelasonto esiya kuyo kumqhudelwano wesibhakela ehlanganisa nosaziwayo kwezomculo uBig Zulu nosomabhizinisi wase KZN uPhumlani Njilo
Le izimpi zihlelwe yi Hlula Dladla Boxing Promotions ngomgqibelo womhlaka 9 Disemba e Olive Convention centre ethekwini
Kuzoqopheka umlando kulesifundazwe ngoba okokuqala ngqa endaweni yodwa ngosuku olulodwa kunezimpi ezintathu okuzobe kubangwa izicoco ezinkulu no kuyinto engajwayelekile kulesifundazwe.
Ongomunye wabahleli balezimpi uNtobeko Mbambo usegqugquzele umphakathi wakulesifundazwe ukuba ugcwalise I OCC njengoba namathikithi ethengwa ubuthaphuthaphu, uveze nenhloso yokuletha lezimpi ukuthi bazama ukuvuselela isibhakela sibuyele endaweni yaso ngendlela esasilandelwa ngaso
AMathikithi aseqalile ukudayiswa eWebticket, aqala ku R150 omphakathi bese ezicukuthwane abiza uR800
Iminyango Ivulwa ngehora lesihlanu ntambama
Umnyango wezemidlalo, nokuncebeleka KwaZulu-Natal, Boxing South Africa, kanye nomaspala wetheku abanye bafake izandla ukuze lezizimpi eziyisithupha okuhlanganisa nempi yabesifazane zibe yimpumelelo
Sezizonke izimpi eezilindelekile yilezi:
WBA Pan Africa Title Feather Weight
Kuzotholana uLindelani Sibisi was Dundee vs Sange Ngoza wase Duncan
Middle Weight Women
Kuzotholana u Mapule Thunder Ngubane vs Rita Mrwebi
KZN Title Junior Middle Weight
Kuzobamabana uSimphiweMbhele no Philelani Khumalo
KZN Title Light Weight
Kuzohluthulana uSandile Dumisani vs Siphesihle Mntungwa
