ABAFUNDI NEZISOMBULULO ZEMPILO EMPHAKATHINI

Abafundi bse Anton Lembede bekhombisa izihambeli ebezihambisana nongqongqoshe ngezisombululo namasu azosiza umphakathi ukwenza impilo ibengcono. Okuye kwahlaba umxhwele umfundi osungule i –App ezntsha ezonamatheliswa ezimotweni ukuze zingatshontshwa. Le App yezimoto izonamtheliswa ku Number Plate yemoto nayo ezokwenziwa ngedlela yokuthi ingakhipheki emotweni njengoba phela loluhlobo olukhona kulula ukulihlephula.Kule App yomfundi uthi lapho uke uzama umzamo wokususa ipuleti yemoto bese ikucebe kumakhalekhukhwini yomnikazi wemoto ngenkathi ithumela omunye umlayezo emaphoyiseni .Kanti omunye umdundi yena usungule i App yokufunda ulwimi lwesiZulu  nahlose ngayo ukuthi kube lula ukufunda isiZulu kumuntu wolunye uhlanga ngoba le App izoba nesichazimazwi esihumushayo.  Omunye umfundi yena usungule Ubuxhakaxhaka bokuhlamab amanzi kanti kuqagulwe ukusebenza kwawo ngoksemthethweni ngomnyaka we 2030. Injobo lapha beyisika elijikayo,Kuningi abafundi abkwenzile okuhlaba umxhwele. Okumangazayo izinga labafundi asebekulo bengakafiki ngisho nasemazingeni emfundo ephakeme.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *