Ubonakala enekusasa eliqhakazile umsakazi osemcane ngeminyaka nozwakalayo ukuthi uzimisele kulendima yokusakaza. uSiyabonga Msomi owaziwa ngelika Dj Worldwide uma esehlezi phambi kombhobho ezindlini zokusakaza usebenzela isiteshi somphakathi sakwaMashu. Ngaphambi kokuba aqashwe isiteshi sakwaMashu uDj Worldwide uke wasebenza esiteshini sentsha i DYR nokuyilapho athola khona ithuba lokucijwa kulendima .
Injobo Newspaper ixoxisane naye ukuzwa kabanzi ukuthi ungubani nokuyilapho sithole kabanzi ngempilo yakhe.U Dj Worldwide uthi igama lakhe langempela uSiyabonga Wakwa Msomi kanti udabuka endaweni yaseNkandla nokuyilapho ekhulele waphinde wafunda khona. Uthando lomsakazo liqale kuye esemncane kakhulu uSiyabonga nolwabuye lwagqugquzelwa umkhulu wakhe owabe ezifela ngomsakazi wokhozi FM uTshathugodo Ngobe. Kuthe lapho eveza ekhaya ukuthi unothando lokusakaza wathola okukhulu ukwesekwa njengoba umama wakhe kwaba nguye okhokhela izifundo zakhe zobusakazi.
Ziningi izingqinamba edlule kuzo ngenkathi ephokophele ukusakaza njengoba eke wenza uhlolokhono esiteshini somsakazo Inanda FM nalapho afike washawa uvalo kwabheda izinto, abaphathi ababange besamnika thuba kwabe sekuphela kungakaqali. Nokuhambe kwahamba wabe esyokwenza inhlolokhono esiteshini sentsha i DYR nalapho anikezwa khona ithuba waqala wezwakala emoyeni.
Lomsakazi uma esemoyeni akabizwa ngoSiyabonga kodwa ubizwa ngo Dj Worldwide abuye ateketiswe ngeloMsakazi wezinsuku zokugcina. Uthando lomsebenzi wokusakaza ilona olumenza aphokophelele ukuvuka nsukuzonke.
Isifiso sakhe esikhulu ukuzibona ekhula kwezokusakaza aze afinyelele ezingeni lokuphatha emsakazweni. u Dj Worldwide weluleka intsha ukuba izimisele emaphusheni enawo ingasheshi ukuphonsa ithawula ngoba ngeke wazi mhlazane sekuwusuku lakho lempumelelo.
Lomsakazi osemncane usesebenzela isiteshi somsakazo iVibe FM nesizinze elokishini lakwa Mashu ,kanti ungena njalo ngoLwezihlanu ngehora lesi 14:00 kuya kwelesi16:00 ntambama.
