Kulindeleke iThe Rich boys ijabulise i- KZN kowokuhlunga

Sabie Chili

Kuzohlukana inhloko nesixhanti emdlalweni wokuhlungela ukuya ku Dstv Premiership kusasa ngolwesithathu phakathi kwe Richards Bay FC ne Baroka FC.

Lomdlalo use King Zwelithini stadium ngo 3 ntambama, kanti kulindeleke izinkumbi zabalandeli ukuzokweseka iqembu lasekhaya eliholwa ngu Sifiso “Jomo” Biyela.

Njengamanje izinto zivuna i-The Rich Boyz kulomdlalo wokugcina kweyokuhlunga.

Elasekhaya linamaphuzu amahlanu lilingana ne University of Pretoria, bahlukaniswe amagoli okwenza i-The Rich Boys iqhwakele phezulu bese iBaroka ibesemsileni ngamaphuzu amabili.

Okumele kwenziwe ezika Menziwa ukunqoba lomdlalo noma badlale ngokulingana.

IWini ka 1-0 yeBaroka izokwenza kukhuphuke ama  Tuks.

Ukunqoba kwe Baroka FC ngo 2-0 Kuya phezulu ingangenelwa goli kuzosho ukuthi yiyo enyukela phezulu.

Kodwa konke lokhu kudingakala umdlali weshumi nambili okungabalandeli abazokweseka ezika Menziwa.

IRichards Bay imemezele ukuthi kuzongenwa mahala enkundleni nokungangabazeki inkundla izogcwala ukuzokweseka iqembu lasekhaya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *