Bazobhema bakholwe abathandi bomculo kamaskandi njengoba ziyobe zidlana imilala endaweni yobumnadni eClermont nokuyindawo eyaziwa ngokuthi iskomplazi uma beyiteketisa . Lomcimbi obizwa nge Clermont Masikandi Picnic 1st Annual Music uyokuba mhlazinga29/30 kuMandulo 2023. Okuzowushubisa kakhulu lomcimbi indlela abahleli bawo ababophele ngazo amaciko azobe eshiyelan inkundla esina ededelana kanti abalandeli bayobhema bakholwe njengoba umcimbi uzodonsa izinsuku ezimbili kubuswa ngedili lomculo wesintu. Abalandeli nabathandi bomculo bayanxuswa ukuba bavunule baphinde bahlobe ngemvunulo yesintu. Qaphela ke ukuthi lomcimbi uhlelwe ngenyanga yamagugu nokuyinyanga esisuke siqhakambisa ngayo amsiko nemvelaphi yethu . Konje uma ungayanga kulomcimbi uyothiwawuvinjwe yini ngempela? Lomcimbi akukhokhwa mali esangweni uzingenela mahhala, okwakho nje ukuba uvunule ngendlela eyiyo uphinde uzihlenzeke ngomphako, Iyolal’ ibonene!
Related Posts
UZA MAWALA UMSAKAZI OSEMNCANE
Ubonakala enekusasa eliqhakazile umsakazi osemcane ngeminyaka nozwakalayo ukuthi uzimisele kulendima yokusakaza. uSiyabonga Msomi owaziwa ngelika Dj Worldwide uma esehlezi phambi…
BAYIGUBHE NGESITAYELA ABESIMAME INYANGA YABO NGEZINKONZO
Ibandla lama Adventist esiyingini se KwaZulu Natal -Free State Conference lisingathe owokubungaza abesimame ngenyanga yabo emcimbini obuse Portshepstone. Lombungazo wabesimame…
CLERMONT MASKANDI PICNIC
Kusasa nange Sonto woza eKK sizobe senza iactivation yokuqala, 1st Annual MASKANDI Picnic eKK Shell Garage
