I-Presidential eThekwini Working Group (PeWG) ibike ngenqubekelaphambili ekhuthazayo ekuthuthukiseni ukulethwa kwezidingo zomphakathi, ukuqinisa ukukhula komnotho, kanye nokuvula izinhlelo ezisemqoka zengqalasizinda okuhloswe ngazo ukwenza ngcono izinga lempilo yezakhamuzi kanye nokukhuphula izinga leTheku njengendawo yokutshalwa kwezimali neyokuvakasha.
Umbiko wakamuva wama-Co-Chairs we-PeWG ugqamisa ukuthuthuka emikhakheni eminingi emqoka okungenelelwe kuyo. Ukusebenza kwezezimali kukaMasipala sekuqinile, kanti izindlela zokuphatha zibe nesandla ekwenzeni ngcono ukuthobela imithetho kanye nokuziphendulela. Kukhona futhi inqubekelaphambili ebonakalayo ekwehliseni ukulahleka kwamanzi, ukuqinisa ukukhuthazwa kwezokuvakasha, kanye nokuqhubekisela phambili imisebenzi emikhulu yokutshalwa kwezimali ebiza ngaphezu kwiezigidi ezingama-32.
Ngo-Workstream 8, ogxile ekuthuthukisweni komnotho, umasipala kanye nabalingani bawo baqhubekisele phambili izinhlaka zokusebenzisana phakathi kombuso nemboni ezimele, ukuhlelelwa kwemigwamanda yezimboni, izinguquko ekuhlelweni kwentuthuko, kanye nezindlela zokubhekana nezakhiwo ezinezinkinga. Ngesikhathi kusenomsebenzi omningi okumele wenziwe, izinhlaka sezikhona manje zokusheshisa ukufezekiswa kwezinhlelo kanye nokuvula amathuba okutshalwa kwezimali.
Inqubekelaphambili ebonakalayo isizuziwe futhi ngenethiwekhi yezokuthutha yomphakathi edidiyelwe ye-GO!Durban, lapho kuvunywe khona izimvume ezisemqoka zomthetho, kwaqedwa izingxoxo nezinhlangano zamatekisi ezingu-18, futhi nemisebenzi yokulungiselela ukusebenza iyaqhubeka ngaphambi kokwethulwa okuhleliwe komzila we-C3 Corridor ngoZibandlela 2026.
Umbiko uphinde uveze intuthuko ezinhlelweni zezokuphepha nokuvikeleka. Emkhakheni wezokuphepha nokuvikeleka, ukungenelela kubandakanya ukuqhubeka kokusatshalaliswa kwe-Command Centre, ukuqinisa izinhlelo zamaphoyisa abonakalayo, ukunwetshwa kwamandla eziqalo zocwaningo lwesayensi, kanye nemizamo eholwa yiHhovisi likaMongameli yokubhekana nezidingo ezisemqoka zengqalasizinda yokuskena emachwebeni.
Umphathi-co-chair we-PeWG, uMike Mabuyakhulu, uthe umsebenzi wokuzikhandla ngokubambisana wazo zonke izigaba zohulumeni kanye nabalingani bomphakathi usuqala ukuthela izithelo ezibonakalayo: “I-Presidential eThekwini Working Group iyaqhubeka nokubamba iqhaza elisemqoka ekususeni izinselelo, ekuqinisekiseni ukuxhumana, kanye nokuqhuba ukufezekiswa kwezinhlelo. Sibona inqubekelaphambili enenjongo emikhakheni esemqoka efana nokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ezokuthutha, ukukhanga ukutshalwa kwezimali, kanye nokulethwa kwezidingo zomphakathi. Yize izinselelo zisasekhona, ukugxila kwethu kusekusheshiseni ukulethwa kwezidingo nokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi namabhizinisi bayazibona izinzuzo zalokhu kungenelela.”
Izinto eziza kuqala esigabeni esilandelayo zihlanganisa ukuthola uxhaso lwezezimali lokuthuthukisa umsele wase-Mlazi, ukusheshisa izinhlelo zokubuyiselwa kwezitimela, ukwehlisa ukulahleka kwamanzi angayisi mali, kanye nokuqinisa ukuxhumana ukusekela ukukhula komnotho kanye nemiphumela engcono yokulethwa kwezidingo zomphakathi.
“Leli dolobha ngelabo bonke abantu balo kanye nababambiqhaza, ngakho-ke ukubanikeza imibiko eqhubekayo kulomsebenzi kuyinhliziyo yesivumelwano sethu nomphakathi. Maduze nje, ngophiko lwezokuxhumana nokukhangisa, sizobe sethula izinkundla zokuziphendulela kubabambiqhaza ukuqinisekisa ukuthi akekho osalela ngemuva mayelana nokwaziswa ngenqubekelaphambili eyenziwa yi-PeWG,” kwengeza uMabuyakhulu.
