Unxenxa abatshali zimali ukuba bahwebe neKwaZulu Natal

Photo cred: KZNEDTEA

Ungqongqoshe Wezokuthuthukuswa Komnotho,Ezokuvakasha kanye Nezemvelo uMfundisi Musa Zondi unxuse abatshali zimali bamazwe ukuba benze utshalo mali esifundazweni saKwaZulu Natal.

Lenkulumo uNgqongqoshe uyenze kwisethulo sakhe njengoba ebambe iqhaza elikhulu kwi Ngqungquthela ebizwa i- AIM 2026 nebanjelwe ezweni lase Dubai nelidlise kakhulu ngobukhazikhazi. uNgqongqoshe ubagabisele kakhulu abatshali zimali ngobuhle baleli lakwaZulu Natal nokuyibo obenza lesifunda sibe semathubeni akahle okuhweba namanye amazwe.

Ungqongqoshe akahambi yedwa njengoba ephelekezelwa yithimba labaphathi bezinkampani zikahulumeni eziholwa umnyango owengamelwe nguye ngokobuholi, nesingabala uMnu Sihle Ngcamu ongumqondisi e- TIKZN, uMnu. Hamish Erskine ongumqobdisi we Dube TradePort kanye no Mnu.Thabane Zulu ongumqondisi we Richards bay Industrial Development Zone.

Ubuye wagcizelela ukuthi akusikho ukuthi isifunda sibheke utshalo mali kuphela, kepha kulindelekile ukuba isifundazwe siphinde suzuze amakhono azofika ehambisana nokutshalwa kwezimali. Uyakhwishiza uNondaba siyethemba amathuba omsebenzi ayeza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *