Isakhiwo esisha sokusakaza se Vibe FM

Umbiko : Aphelele Mathanda Mbotho

Photo Cred: Aphelele Mathanda Mbotho

Umphathi wesiteshi sokusakaza elokishini lakwaMashu umnuz Lucky Dlamini wethule ukuthi iVibe FM isizosakazela endaweni entsha njengoba kade kunesithangami sezindaba namhlanje eKwaMashu Indoor Sport Centre .

Lesi siteshi esisakazela umphakathi wakwaMashu, eThekwini besinesithangami sezindaba namuhla ngenhloso yokwazisa umphakathi ukuthi bazothutha endaweni lapho begobe amadlangala kuyo njengoba sebethole izindlu ezintsha zokusakaza nezizokwaziwa nge KwaMashu Media Centre eseduze nesiteshi sesitimela, ngemuva kwenxanxathela yezitolo lapho bezosakaza khona baphinde baqeqeshe intsha ngokusakaza.

U-Mnu. Dlamini ubike ukuthi endaweni ekade besakazela kuyona ngaphambilini baba nokungaboni ngaso linye nomqashisi wendawo nokwaholela ekutheni bafune enye indawo yokubambisa. Uphinde wadalula ukuthi bahamba nje sebefake isicelo sokuthi bathole indawo entsha yokusakaza kumasipala weTheku.

“Sesifuna indawo esizoba nozinzo kuyona ibe eyethu ukuze sizokwazi ukwenza yonke into, indawo sizoyibiza ngokuthi iKwaMashu Media Centre. Sesizoba nezinto ezihlukene okubalwa kuzo uhlelo olulalelwayo (podcast), iphephandaba kanye nokunye.” kulandisa uMnu. Dlamini edalula izinhlelo ezizoba khona.

U-Mnu. Dlamini ube esenxusa umphakathi wakwaMashu ukuthi usebenzisane nesiteshi somsakazo iVibe FM njengoba kuyisona isiteshi sokusakaza esikhona emphakathini.

Obemele inhlangano ye MDDA ekhuthaza ukuthuthukisa nokwehluka kwabezindaba, uSipho Maphanga uveze ukuthi baxhase iVibe FM nge zezimali ukuze bakwazi ukuthi bathole indawo entsha yokusakaza. Wabuye waveza ukubaluleka kweziteshi zomphakathi.

“i MDDA iza njengabaxhasi, umphakathi ohlangene ne Vibe FM ukuthi kutholakale indawo. Okwethu kube ukufaka imali ukuthi kususwe imishini yokusakaza endaweni abasebenzela kuyona uma sebeya e- KwaMashu Media Centre.

Kubalulekile ukuthi kuthukiswe iziteshi zomphakathi njengoba zithuthukisa amakhono, kanti futhi njengoba kuyisiteshi somphakathi isona esisiza umphakathi ngezindaba ezenzeka khona endaweni.” Kusho umnuz Sipho Maphanga.Amalunga omphakathi azwakalise ukujabula njengoba iVibe FM isizoba sendaweni lapho kugcwala khona abantu. Ozibize ngogogo ,umama oyilunga lomphakathi aphinde abe ilunga lenhlangano i-Sisiza Ngothando uzwakalise ukujabula ngoshintsho, “Into engijabulisa kakhulu ukuthi sebezosakaza endaweni entsha, ngibonge umasipala weTheku ukuthi abavumele basakaze

kwenye indawo. Ngibona engathi abantu abasha bazosondela, nathi esibadala sizosondela sibe yinxenye yeVibe FM.”

Nakuba suku lokuvulwa kwalesi sikhungo lungadalulwanga, kodwa umnuz Lucky Dlamini uqinisekisile ukuthi ngeke uphele unyaka singavulwanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *