
Ntandoyakhe Nxumalo
Isithombe KZN-EDTEA MEDIA
Isifundazwe saKwaZulu-Natali (KZN) singena esikhathini sePhasika sika-2026 ngomdlandla oqhubekayo , ihlonza cishe inzuzo elinganiselwa kwibhiliyoni embonini yezokuvakasha.
Lokhu kwakhela phezu kokusebenza okunamandla kwangenkathi yamaholide kancibijane, lapho okwaqophwa izivakashi ezingaphezu kwesigidi (1,2 million) esifundazweni. Lokhu kubonisa ukuqhubeka kokuhanjelwa kwezindawo zokuvakasha zasogwini, ezingaphakathi nezwe kanye nasenyakatho.
Izifunda zomasipala nazo kulindeleke ukuba zibe nozinzo lokusimama ngalesikhathi sephasika, ukusebenza koMkhanyakude (56%), iLembe (53%), kanye noThukela (53%) kulindeleke ukuthi kuhlale kuzinzile njengoba kungaphezu kuka-50%. Izifunda ezisogwini ezifana ne-Ugu (49%) kulindeleke ukuthi zilandele eduze, kanti izifunda zangaphakathi, okuhlanganisa i-Amajuba (39%), i-King Cetshwayo (39%), i-Harry Gwala (39%), kanye noMgungundlovu (35%), kulindeleke ukuthi zigcine amazinga okuhlala abantu zizinzile nazo.
UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo, uMfundisi Musa Zondi, uthe iKwaZulu-Natali ingena esikhathini sePhasika ngemuva kokusebenza kahle kwezokuvakasha, njengoba kulindeleke ukuthi kuzokwengezeka u-R902 million kwezokuvakasha kanye nohambo lwangaphakathi kwisifundazwe olungahle lwengeze ngaphezu kuka-300 000 ngokubhekeke kuso sonke isifundazwe.
“Esikubonayo ukuqhubeka komfutho owakheke ngesikhathi samaholide KaZibandlela, lapho amazinga aphezulu okuhlalisa kanye nenani lezivakashi liye laphenduka laba iqhaza kwezomnotho. IPhasika lakhela phezu kwaleso sisekelo, lapho umsebenzi wokuhamba usakazeka ezindaweni ezisogwini, ezingaphakathi nezwe kanye nasemakhaya,” kusho uZondi.
Izizinda zezenkolo kusalokhu zibamba iqhaza elikhulu ekuheheni kanye nokukhuthaza ukuvakasha phakathi nalesi sikhathi sonyaka, kanti kulindeleke ukuthi izinkonzo ezinkulu zidonsele izinkulungwane zabakhulekeli emasontweni nasezindaweni ezifana ne-Ekuphakameni eseNanda kanye ne-Nhlangakazi eseNdwedwe. Lokhu kwesekwa yizingqungquthela eziningi zamabandla ezenzeka emiphakathini yasemadolobheni kanye neyasemakhaya, nokuyilapho kudaleka khona amathuba kwezokuthutha, abaqashisa ngamagumbi okulala , abamahhotela nezindawo zokudlela kanye nosomabhizinisi abangahlelekile.
Abathintekayo embonini babonisa ukuthi yize isidingo sokuhamba sisalokhu sinjalo, ukuziphatha kwabathengi kubonisa izinguquko ngenxa yezimo zomnotho.
IDrakensberg iyaqhubeka nokusebenza kahle njengendawo ebalulekile yokuvakashela ezweni phakathi nalesi sikhathi. UJames Seymour, onguSihlalo woThukela-Drakensberg Tourism Cluster, uthe, “IPhasika lingenye yezikhathi zokuvakasha ezibaluleke kakhulu eDrakensberg. Izinga lokuhlala kwabantu eCentral Drakensberg lizoba ngu-80%. IPhasika liyimpelasonto ende futhi iDrakensberg ifinyeleleka kalula ngamakhefu amafushane ezikhathini ezifana namaviki amade.”
Izibalo ezilindelwe zePhasika zibonisa isifundazwe esingagcini nje ngokuheha izivakashi kodwa futhi esigcina inani kuzo zonke izigaba eziningi. Njengoba isifundazwe singena kwesinye sezikhathi zaso zokuhamba ezimatasa kakhulu ngaphandle kwamaholide kaZibandlela. IPhasika lika-2026 libekwe njengesikhathi sokuvakasha esiphezulu kakhulu esiqhubekayo sokusebenza kwezokuvakasha okubanzi kwaKwaZulu-Natali okuletha umthelela omuhle wezomnotho olinganisekayo kuzo zonke izifunda, imikhakha kanye nemiphakathi.
Ephetha enkulumweni yakhe uNqgongqoshe ukugcizelela ukuthi umhlomulo wezomnotho uncike kakhulu ekutheni osomabhizinisi balemikhakha ethintekayo bakwazi ukuyisebenzisa ngendlela ezoba nomthelela omuhle noma babe nenzuzo kubo.
