
Ngomhla ka25 ku Agasti 2026,i Blaq Mermaid Media & Event ngokuhlanganyela ne Future Leaders Academy ibambe iqhaza ohlelweni lokuqeqeshwa kwalabo abasendimeni yokwelapha ngamakhambi emvelo nesintu ukuba bakwazi ukusebenzisa ulwazi lwabo ekwenzeni inzuzo nokukwazi ukugcinwa kolwazi luphinde ludluliselwe nakwisizukulwane esizayo. Loluqeqesho belugxile kakhulu ekusunguleni amasu okwenza ibhizinisi ngamakhambi esintu nemvelo ehlanganiswa nolwazi lwemfundo yezocwaningo nobuchwepheshe besimanje.
Loluqeqesho oluthathe usuku lonke kusukela ekuseni kuze kuyoshona ilanga ububanjelwe enyakatho yedolobha Ethekwini nalapho bekuhlangene intsha, osomabhizinisi abancane kanye nabelaphi bezendabuko abevile emakhulwini amahlanu nabangaphansi kwenhlangano ebizwa Abelaphi Bendabuko Base Afrika ( ABBA) NPC ukusiza ukwenza ulwazi lwendabuko lube semthethweni futhi luhwebe ngokuhlelekile.
Okhulumela Umnyango wezemvelo nokongiwa esifundazweni iKwaZulu Natal u Nksz Thola Mthembu uye wakhuluma ngodaba lokusetshenziswa kwemithi ngendlela enokunakekela,okungukuthi bonke abathintekayo banomthwalo wokunakekela imvelo ukuze nayo imvelo izobanakekela, ube esegqugquzela ukuthi kusetshenziswe amasu okonga nokugwema ukuqedwa kwezihlahla noma imithi esengcupheni yokushabalala,uphinde wabalulekisa ukusebenza kwezimvume kulomkhakha.
Kanti abasendimeni yokuphathwa nokongiwa kwezimali nabo okungo Thato Ndlovu,Ameni Radebe, no Okuhle Mgoboza bakwa Nedbank bekanye nomphathi ophikweni losomabhizinisi abancane u Zodwa Ngcamu badlale indima enkulu ekucijeni izethameli ngolwazi lokuphathwa nokongiwa kwemali nokuyinto evame ukulimaza osomabhizinisi abasafufusa.
Umnu. Don Mthethwa uye wacacisa ngokugcinwa kwemigomo nezimfuno zebhizinisi,ukuthotshelwa komthetho olawula ukusebenza kanye nokuhlonipha zonke izikhungo ezilawulayo,njengomnyango wezentela kanye nomnyango okubhaliswa kuwo amabhizinisi (CIPC). Akasalanga ngaphandle ungoti wokucwalwa kwesikhumba leliphephandaba elike labika ngaye phambili,nofunde wagogoda emkhakheni wokusetshenziswa kwamakhamnbi emvelo ukunakekela isikhumba kanye nobuhle bomuntu. Unkosazane Gugu Hlophe uye wabonisa abafundi bosuku ukusetshenziswa kowoyela othakwe ngamahlamvu emvelo kanye nezidingo ngqangi zokuphepha ebafundisa ngokwenza.

Umcimbi omuhle usuke ungaphelele nxashana kungazange kwaba nenkonzo yesisu,nakhona kulomcimbi wokwabelana ngolwazi kuphinde kwabelwana ngezibiliboco ebezinongwe umpheki wodumo uChef Prof. UNkosazane Jackie Psannis ube esenza isiqiniseko sokuthi bonke abebethamele isifundo baphume nezitifiketi ezikhomba kona belu ukuba bebeyingxenye yalezifundo.Kanti umhleli womcimbi uNkosazane Louise Phama ubonge bonke ababe yingxenye nalabo abaxhasile ukuba lolusuku lube yimpumelelo.
Photo Cred: by Louise Phama.
