Izintatheli zesifundazwe i-KwaZulu Natal zithole ukuqeqeshelwa ukhetho oluzayo 2026

Isithombe: Intatheli yephephandaba

Kuloba: u Ntandoyakhe Nxumalo

I-IEC ngokubambisana ne-SANEF, i-SALGA, i-MDDA, i-Africa Check kanye ne-MOXII AFRICA, ibambe umhlangano wokuqeqesha okhethweni lwabezindaba ngokhetho lukahulumeni basekhaya lwango-2026 ngomhlaka-10 Ndasa 2026.

IKhomishini Yokhetho Ezimele (i-IEC) ibimeme izinhlangano ezahlukene zezindaba kanye nezintatheli zazo ukuze izozifundisa futhi izilungiselele ngokhetho oluzayo lohulumeni basekhaya oluzoba ngo-2026.

Batshele isivakashi ukuthi inqubo yokhetho lohulumeni basekhaya iyaqhubeka, futhi i-IEC isiqalile kakade ngemisebenzi yokubhalisa abantu abazovota, yize uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko (i-COGTA) u Mnu Velenkosini Hlabisa, engakakhiphi usuku olusemthethweni lokuvota.

UDkt. Khulekani Zulu, onguMphathi Wesifundazwe Wezokusebenza Kokhetho wethule isizinda sokubambisana ne-South African National Editors Forum (SANEF), i-South African Local Government Association (SALGA), i-Media Development and Diversity Agency (MDDA), i-MOXII AFRICA kanye ne-Africa Check.

“Njengekhomishana, simatasa ngokhetho ngendlela yokuthi ngosuku lokuqala oluzokhishwa, njengekhomishini, sikulungele ukuphatha ukhetho,” kusho uDkt. Zulu.

Ukhetho lwangaphambilini lohulumeni basekhaya lwenziwe mhla lu-1 kuLwezi 2021, kanti isikhathi sokuphatha samakhansela amanje sizophela mhla lu-1 kuLwezi 2026.

“Ngokusho komthethosisekelo, sinezinsuku ezingama-90 ngemva kokuphelelwa yisikhathi lapho singaba nokhetho khona. Ngokuvamile eNingizimu Afrika, sivame ukuba nokhetho ngoLwesithathu,” enezela.

Umnu. Mazwi Madlala, uMluleki Omkhulu wezokuxhumana nobudlelwano emnyangweni wakwa-SALGA, wethule futhi wachaza izinhlaka ezintathu zikahulumeni, okunguhulumeni kaZwelonke, weZifunda kanye nowaseMakhaya.

Izigaba ezintathu zikahulumeni zizimele, zincikene futhi zihlobene. Zinamandla nemisebenzi yazo ngaphandle kokushayisana.

Lokhu kusho ukuthi uhulumeni wendawo unegunya phezu kwezindaba zawo, kodwa futhi unesibopho sokusebenza nezinye izigaba.

“Kungakhathaliseki ukuthi singazimela kanjani futhi sibe nemisebenzi namandla ethu, kodwa ekugcineni, ngoba intshisekelo yethu ukukhonza abantu bethu noma izakhamuzi zethu, sisebenza ndawonye ngezinga elithile,” kusho uMadlala.

Isikhulumi senhlangano i-SANEF uNksz Athandiwe Saba wabelane ngendlela asebenzisa ngayo idatha ukuxoxa izindaba eziningi zokhetho futhi wathinta kakhulu ukusabalala kolwazi olungelona iqiniso kanye nolwazi olungamampunge,lenkulumo ibiqonde ukucija izintatheli ngolwazi olufanele.

UWilliam Bird noNtsako Manganyi baseMOXII AFRICA banikeze isifundo ngokuthi iyini ipulatifomu ye-411 nokuthi isebenza kanjani.

Inkundla ye-411 iyisizinda esizimele sezikhalazo zomphakathi eqhutshwa yi-Media Monitoring Africa (MMA). Yisizinda lapho amalungu omphakathi angabika khona amacala ezinkundla zokuxhumana njengolwazi olungalungile kanye nolwazi olungesilo iqiniso.

uNksz Ntombifuthi Masinga oyisikhulu esiphezulu kwa IEC (POE) KwaZulu Natal uye wananela amazwi ezikhulumi esezibaluliwe ngasenhla waphinda wacacisa ngesimo sekhomishana ukuthi ikulungele kangakanani ukubamba izinhlelo zokhetho lohulumeni basekhaya 2026.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *