
Isikhungo semfundo ephakeme i- UKZN ibe nesidlo sasekuseni ngokuhlanganyela nomkhandlu Umngeni Municipality oholwa uMhlonishwa uChris Pappas njengeMeya namuhla zingu 25/11/2025 e Coastland Musgrave hotel Ethekwini.
Ethula inkulumo yakhe uMeya uPappas nalapho abeqhakambisa ubuholi obuqotho ubalule ukuthi kubalulekile ukuba uphokophele phambili futhi ube nezinhloso ezinhle. Uqhube wathi umholi omuhle akaxhamazeli kodwa uyafunda kwabangaphambili,abesehola ngokwethembeka nobuqotho.Uphinde wathi umholi kumele aqonde kahle indawo yakhe angayeqi imingcele .
Uthe lapho ephendula umbuzo womunye wezihambeli zalesidlo obuthi “Ingabe uyimisa kanjani indaba yezimvilophu zodumo ezi brown ? Uziphendulele ngokuthi “Angiwemukeli ama envelope a-brown , noma angeza ngayiphi indlela angiwemukeli ” usho njalo uMeya Pappas womkhandlu uMngeni Municipality. Kulesisidlo uChris Pappas ubehambisana nezikhulu zomkhandlu wakhe nokubandakanya kuzo iMenenja yo UMngeni Municipality nokubonise okukhulu ukubambisana.
