Kuloba : Nathi Khumalo

Esikhathini samanje sebhizinisi, ulwazi alubalulekile nje kuphela; luyigugu lwebhizinisi. Nakuba abanye belubiza ngegolide elisha, inani layo langempela lilele emininingwaneni eliyinikezayo. Uma ibhizinisi lakho lingalusebenzisi ulwazi lwalo elilugodlile, lilahlekelwa amathuba amaningi okuphumelela nokuguquka.
Ukutshala imali kwingqalasizinda yokuqoqwa kolwazi (data infrastructure), ukuphathwa kwayo, ukuhlaziya, nokubika kubaluleke kakhulu. Ngenhlanhla, izinsuku zezindleko eziphezulu sezedlule, kunamathuluzi amaningi athengekayo atholakala ngisho nakuwona amabhizinisi amancane phecelezi (MSMEs).
Ukubika (Reporting): Le ngqalasizinda isiza ukubikwa kwangaphakathi ngezezimali, okuholela kuma-dashboard anokuqonda okujulile eqhutshwa izinkomba zokusebenza ezibalulekile (ama-KPI). Le mibiko inika amandla abahlaziyi, abaphathi abancane kanye nabakhulu, nabeluleki ukuba baqonde konke okwenzakalayo, amaphethini, ukuhlobana, nokungalungile, futhi bathole imininingwane ebalulekile mayelana nabashayeli benzuzo (profit drivers).
Ukusekela Izinqumo (Decision Support): Ukwenza izinqumo ezijulile kuncike ekubeni nolwazi olunzulu. Ukungabinayo i-datha eyanele nechaza ukwenzeka kwezinto ebhizinisini kungaholela ezinqumweni ezingenasiqiniseko noma ezingenakuphindwa. Uma uyibheka ngenye indlela, izinqumo ezisekelwe ngolwazi oluqoqiwe aziqondakali nje kuphela kodwa futhi zikhuthaza ukusungulwa kwenqubo yokwenza, nokuthatha izinqumo eziyonyusa inzuzo yebhizinisi ngomuso.
Ukuqaqeka kwaMathuba Ebhizinisi (Unlocking Business Potential):
Ukuhlaziya indlela izindleko ezivela ngayo kuveza amaqhinga okuzinciphisa ngaphandle kokwehlisa izinga neqophelo lempahla ekhiqizwayo. Umlando wokuthenga kwamakhasimende uveza amathuba okubadayisela ezinye izimpahla ezihambelana nalezi ezivezwa umlando wokuthenga.Lokho kuholela ekukhuleni kwemali engenayo. Izipesheli eziqondene nomuntu siqu, ezisekelwe ekuhlaziyeni kolwazi oluqoqiwe, zakha ukwethembeka kwamakhasimende futhi ziqinise ibhizinisi eliphindaphindwayo. Ngaphezu kwalokho, ukuhlaziya ulwazi oluqoqiwe kuveza amathuba okukhula, kusukela ekwandeni kwemakethe kuya kumasu entengo asebenzayo.
