Ukunikezelwa Kwezinsizakusebenza Ekufukuleni-Osomabhizinisi eMhlathuze

Empangeni, KwaZulu-Natal : Photo Cred KZNEDTEA

Esinyathelweni esibalulekile sokuqinisa amabhizinisi amancane kanye nokugqugquzela ukukhula komnotho wendawo, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo KwaZulu-Natali (EDTEA) namuhla unikeze amathuluzi abalulekile kosomabhizinisi abancane abangama-62 baseRichards Bay naseMpangeni. Umcimbi wokunikezela, obuholwa yiMeya yeDolobha laseMhlathuze, eCllr. Xolani Ngwezi, ubuseMpangeni Civic Hall kuWadi 23.

Ingqubo kaMasipala yokudala imsebenzi -(MEI), neholwa umnyango we-EDTEA, ihlose ukuhlonza, ukuxhasa ngezimali, kanye nokweseka amabhizinisi amancane ezindaweni zomasipala, kugxilwe kakhulu ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini. Ngalolu hlelo, uMnyango uhlose ukudala amathuba emisebenzi futhi ukhuthaze ukukhula komnotho emiphakathini , unikezele ukwesekela okusezingeni emnothweni wendawo.

Abahlomulile abangama-62 bavela emikhakheni eyahlukene, okuhlanganisa ezolimo, umkhakha wokupheka, ezokuvakasha, izinsiza zokulungisa umhlaba , nezindwangu, owokubhaka kanye nakwi Londolo. Lezi zimboni eziningi zikhombisa ukuzibophezela komnyango ekubandakanyeni wonke umuntu kanye nemizamo yawo yokuqinisekisa ukuthi ukuthuthukiswa komnotho kufinyelela kuzo zonke izinhlaka zomphakathi.

Ekhulumela uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezeMvelo, uMfundisi Musa Zondi, uMnu. Thabani Zulu, oyiChief Executive Officer eRichards Bay Industrial Development Zone, wethule umyalezo wokweseka. Ubalule ukubaluleka kwabahwebi abangekho emthethweni, egcizelela ukuthi basahamba phambili eMnyangweni njengabagqugquzeli bokukhula komnotho esifundazweni. “UMnyango usazibophezele ekukhuthazeni ukuthuthukiswa komnotho wendawo, ukudala amathuba emisebenzi, nokweseka amabhizinisi amancane esifundazweni”, kusho uZulu.

IMeya uNgwezi izwakalise ukubonga kwayo eMnyangweni ngokuhola izinhlelo ezigqugquzela ukukhula komnotho okusimeme nokubandakanya wonke umuntu. Uphinde wakhuthaza abahlomuli ukuthi basebenzisane futhi basekelane ekusunguleni uchungechunge lwenani lebhizinisi elisimeme edolobheni laseMhlathuze. “Lezi zinhlobo zezinhlelo zibalulekile ekwakheni umnotho wendawo oqinile, futhi siyaqiniseka ukuthi lama-Bhizinisi azodlala indima ebalulekile esikhathini esizayo somphakathi wethu,” wengeze kanje.

Uhlelo le-MEI liyaqhubeka nokukhombisa ukuzibophezela komnyango we-EDTEA kanye neDolobha lase-Umhlathuze ekunikezeni amandla amabhizinisi amancane, ngombono wesikhathi eside wokugqugquzela uguquko lwezomnotho kanye nokukhula okubandakanya wonke umuntu esifundeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *