
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo uMfu Musa Zondi umemezela ukuqokwa kwebhodi elisha labaqondisi bakwa-Trade & Investment KwaZulu-Natal (TIKZN). Ibhodi elinamalungu ayisishiyagalombili, eliqokwe kuleli sonto, lihlanganisa abantu abavelele nabanohlonze kwezama-bhizinisi, ezemfundo, umthetho kanye nezinhlangano zomphakathi, abazosebenza isikhathi esiyiminyaka emihlanu kuze kube ngu-2030.
Lokhu kuqokwa kwamasu kuza ngesikhathi esibalulekile njengoba i-TIKZN ilungiselela ukwethula Uhlelo lwayo Lwesu olusha luka-2025-2030.
Ibhodi elingenayo lizodlala indima ebalulekile ekuhlinzekeni ukwengamela ukubusa, isiqondiso samasu, kanye nokuziphendulela njengoba inkampane isebenzela embonweni wayo wokuba nguzakwethu ophambili ekukhuliseni umnotho obandakanya wonke umuntu KwaZulu-Natal ngohwebo olusimeme kanye nokutshalwa kwezimali.
Emukela ibhodi elisha, uMfu Zondi uthe; “Abesilisa nabesifazane esibaqoke eBhodini le-TIKZN, bakulungele ukuhlinzeka ngokuqondisa kokubusa enhlanganweni. Ukuzibophezela kwabo ngokuhlanganyela ekuthuthukisweni komnotho nasekuthuthukisweni kwesifundazwe kuzosebenza njengesisusa sokuqhubeka kwempumelelo ye-TIKZN kanye nokwenza kahle kwesikhungo.”
Ukuqokwa kuhambisana nokuzibophezela kukahulumeni wesifundazwe ekubuseni okuhle kanye nokuqinisekisa ukuthi izinhlangano zikahulumeni ziholwa ochwepheshe abaqeqeshiwe nabanolwazi abangaqhuba ukukhula komnotho okusimeme. Ibhodi elisha lizokwengamela i-TIKZN njengoba lenza umsebenzi walo wokuheha kokubili ukutshalwa kwezimali kwasekhaya nakwamanye amazwe, kuyilapho likhuthaza amathuba okuthekelisa kwamanye amazwe amabhizinisi endawo.
Amalungu eBhodi Yabaqondisi be-TIKZN entsha yilawa:
1.Mnu Musawenkosi Myeni (uSihlalo)
2.USolwazi Thandi Nzama (iPhini likaSihlalo)
3.UDkt Sakhile Mpungose (obuyayo)
4.Ms.Siphumele Dlungwane
5.UMnu Bheki Mkhize (obuyayo)
6.Adv Nqabayethu Buthelezi
7.UNksz Janet Channing
8.Dr Sihle Ndlovu
