
IKomidi elimisiwe lezezimali (i-SCoF) lihlangane namuhla e-Ithala SOC Limited kulandela isithangami sabezindaba sakamuva esigqamise izinselelo ezinzima ezibhekene nenhlangano, ikakhulukazi ukumiswa kwelayisensi yayo ye-Financial Services Provider (FSP) yi-Financial Sector Conduct Authority (FSCA).
Ukubhekana nalezi zinkinga ezinzima, i-SCoF yanquma ukuvakashela i-Ithala SOC Ltd. ukuze ithole ukuqonda mathupha ngalesi simo.
Ithimba leKomidi, elihlanganisa amaLungu ePhalamende kanye nabasebenzi bangaphakathi, bahlanganyele ne-Ithala SOC ukulalela uhlangothi lwabo.
Lo mhlangano ubuhanjelwe ngababambe iqhaza ababalulekile okubalwa kubo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi noNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers.
Kuyishwa ukuthi naphezu kokubaluleka komhlangano, akubanga khona sithunywa ezivela kwi-Prudential Authority (PA) nokungqinde amandla eKomidi ekubhekaneni nazo zonke izindaba ezifanele.
Ngenxa yalokho, azikho izinqumo ezenziwe ngesikhathi sokuhlala kwanamuhla, kusalindwe isithembiso se-PA sokuthumela abameleli babo kusasa kuhlezi i-SCOF.
Umhlangano uhlehliswe kuze kube kusasa, 4th September 2024, lapho izingxoxo zizoqhubeka ngethemba lokuthola indlela eya phambili ye-Ithala SOC Ltd.
‘’Sibonga abezindaba ngokuqikelela kwabo futhi sizohlinzeka ngolwazi lokuqhubekayo kulandela ukuqhubeka kwakusasa.” Kubeka abomnyango KZN EDTEA
