Izinhlangano ezingenzi nzuzo zibambisenen nezinhlaka zikahulumeni sezisungule umkhankaso wokulwisana nokuhlukumezana nokucwasa ngokobulili okudlange kakhulu emakhaya kanye nasemiphakathini esakhele kuyo. Kaningi uma sizwa igama elithi GBV sivamise ukuthi sileyamanise nabesifazane nezingane. Loku akusilona iqiniso eliphelele njengoba leligama lisuke libalula bonke ubulili obukhona ebantwini ukuba sivikelane singacwasani futhi singahlukumezani. Ingakho ke uhulumeni esnqume ukusebenzisana nezinhlangano ezizimele zomuphakathi ukulwisana nesihlava sokuhlukumezana. Lemijikelezo izoqala elokishini lakwaNdengezi elakhele ngaphansi komkhandlu weTheku. Umphakathi uzofundiswa kabanzi ngokuthi ungazivikela kanjani kulengozi yodlame lwasemakhaya,iphinde ifunde ukuthi uma kukhulunywa nge GBV kusuke kukhulunywa ngani. Okunye uHulumeni akuhlosile ukuba umphakathi uqonde ukuthi ukungazi kwawo kuwubeka engcupheni engakanani yokuzithola kwawona sewuphule umthetho ngenxa yokweswela ulwazi.
Related Posts
Ungqongqoshe umemezele ukuhlakazwa kwebhodi yezimali zabafundi
Ungqongqoshe emnyangweni wezemfundo emabangeni aphakeme kanye nezobuchwepheshe uDokotela Blade Nzimande usememezele izindaba zokuthi ibhodi lesikhungo u- NSFAS selihlakaziwe. Lesikhungo sengamele…
TITLE: “A Pledge of R 8 Million For Back To School To Ignite Hope For South African Learners”
DATE: 08 January 2024 EMBARGO: None South Africa: The Hollywood Foundation is thrilled to unveil the eagerly awaited return of…
