IYAQHUBEKA EYOKULWISANA NOKUHLUKUMEZA

Izinhlangano ezingenzi nzuzo zibambisenen nezinhlaka zikahulumeni sezisungule umkhankaso wokulwisana nokuhlukumezana nokucwasa ngokobulili  okudlange kakhulu emakhaya kanye nasemiphakathini esakhele kuyo.  Kaningi uma sizwa igama elithi GBV sivamise ukuthi sileyamanise nabesifazane nezingane. Loku akusilona iqiniso eliphelele njengoba leligama lisuke libalula bonke ubulili obukhona ebantwini ukuba sivikelane singacwasani futhi singahlukumezani. Ingakho ke uhulumeni esnqume ukusebenzisana nezinhlangano ezizimele zomuphakathi ukulwisana nesihlava sokuhlukumezana. Lemijikelezo izoqala elokishini lakwaNdengezi elakhele ngaphansi komkhandlu weTheku. Umphakathi uzofundiswa kabanzi ngokuthi ungazivikela kanjani kulengozi yodlame lwasemakhaya,iphinde ifunde ukuthi uma kukhulunywa nge GBV kusuke kukhulunywa ngani. Okunye uHulumeni akuhlosile ukuba umphakathi uqonde ukuthi ukungazi kwawo kuwubeka engcupheni engakanani yokuzithola kwawona sewuphule umthetho ngenxa yokweswela ulwazi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *