Ungqongqoshe uqalisa uqeqesho lwabangasebenzi kuzwelonke

UNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezabasebenzi eNingizimu Afrika, u-TW Nxesi, umemezele  ukuqeqeshwa okukhulu kwabantu abangasebenzi ukuze bashintshele ekuqashweni okuzokwethulwa kuzwelonke. I-UIF Labour Activation Programme (LAP) yokuhlinzeka ngoqeqesho lwezinhlelo zokuqashwa nezamabhizinisi iyasebenza futhi kulindeleke ukuthi yethulwe kwezinye izifundazwe.

UNgqongqoshe uthe iNingizimu Afrika kumele ivumelane nenkathi yezobuchwepheshe eshintsha njalo futhi ibambisane nezinkampani ezizimele ukulwa nosongo lobugebengu’’. Unxuse ukuthi kube nokusebenzisana ezingeni lezifunda ukuze kuqinisekiswe ukungenelela okudidiyelwe njengengxenye yoMfuziselo Wokuthuthukiswa Kwezifunda. Uqhube wathi ‘’akumele i- Gauteng njengesizinda somnotho weze ibe nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi’’

UNgqongqoshe Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uStella Ndabeni-Abrams obehlanganyela inkundla noNxesi uphinde wagcizelela indima yokubambisana. Uthe iNational Development Plan (NDP) inombono wokwakhiwa kwemisebenzi emisha eyizigidi eziyi-11 ngo-2030 futhi iningi layo kufanele liqhamuke kosomabhizinisi abancane.“Okuwukuphela kwendlela yokwenza iNingizimu Afrika isebenze ukukhulisa amabhizinisi amancane. Kufanele futhi sibheke ukuthuthukisa izimboni ezintsha. Silokhu sikhuthaza ukuthi kunikezwe izikhuthazo ezengeziwe ebhizinisini, ikakhulukazi lezo ezihloselwe ukuthuthukisa amabhizinisi amancane,” futhi uthe amabhizinisi angabhalisiwe ngokusemthethweni nawo adinga ukusekelwa ukuze ashintshele ebhizinisini abhaliswe ngokusemthethweni.

 Iseshini yesidlo sasekuseni nabaqashi ibibanjelwe eduze kwemibukiso yemisebenzi namakhono emfundo (Jobs and Careers Fair), ehlinzeka abantu abafuna umsebenzi ngethuba lokuxhumana nabangase babe abaqashi futhi bathole ukuqonda ngezindlela ezibalulekile zemisebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *