Isikhungo esengamelwe umnyango-EDTEA, i-KZN Gaming and Betting Board iqoqa imali engaphezu kwezigidi ezingu-R724 esifundazweni.

Namhlanje uNgqongqoshe uvule ingqungquthela ehanjelwe izithunywa ezingaphezulu kwamakhulu amahlanu aqhamuka emazweni ahlukahlukene e Afrika kanye nakwezinye izifundazwe zakuleli .Uveze ukuthi I-(KZN Gaming and Betting Board) bhodi eyengamele ezokuGembula nokubheja neyisikhungo esingaphansi komnyango isikwazile ukuthi iqoqe imali engaphuzu kezigidi ezingamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nane(724 000 000) yaphinde yadala amathuba emisebenzi eyizinkulungwane eziyishumi nanye kanye namakhulu ayisithupha( 11 600)loku kungenxa yemibhidlango eminingi yokudala amathuba emisebenzi. Lemali eyizigidi ezi 724 000 000 ikwazile ukuthi iqoqwe kahle ukwakha imigaqo,ukwakha imizi,nokwakha ingqalasisinda okuhlanganisa izibhedlela,izikole kanye nokuthi nje ibe yimali esetshenziswayo ukukhokha imali yesibonelelo sahulumeni (social grant),imali futhi ebingakwazi ukuthi isetshenziswe ukuqinisekisa ukuthi kunamapayipi amanzi nokuxhunywa kwezintambo zikagesi. Uphinde wakuveza ukuthi izinkampani eziningi ezingaphansi kwalomkhakha zikwazile ukuthi zitshale imali engamabhiliyoni amabilila KwaZulu- Natal kungenxa wemisebenzi yale bhodi,ubesekuveza ukuthi njengoba lebhodi yengamele umjaho waminyaka yonke wamhhashi oba ngo Ntulikazi lomjaho unomkomele ongaphezu kwezigidi ezine nesigamu( 4,5 mill) uyaziwa ukuthi ufaka imali lakwisifundazwe engaphezu kwezigidi eziyikhulu nezinkulungwane ezingamashumi amane(140 mill) ,uveze nokuthi kunezinhlelo  zokuqeqesha ojoki bamahhashi ezindaweni ezahlukene zasemakhaya ukuqinisekisa ukuthi imijaho enjengo Dundee July neminye ehlukakene ehlanganisa umtelebhelo, iyakwazi ukuthola uxhaso baphinde bathole namalayisense ukuze kufukuleke umnotho wasemakhaya .Bangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa (70 000) abantu abajwayele ukuhambela I Dundee July kanti ke lebhodi eyengamele lemikhakha iyona eyengamela ukusingathwa kwalemicimbi nokuthi iqhubeke ibe sezingeni eliphezulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *