I Ezemvelo KZN Wildlife ikhipheLE i-Mawana Game Reserve isexayiso Sokugcina

I-Ezemvelo KZN Wildlife (Ezemvelo) ikhiphele iMawana Game Reserve (MGR) isaziso sokugcina sezinsuku eziyi 14 sokuthobela imithethetho kulandela ukwehluleka kukaMawana ukugcina indawo yokulondoloza izilwane ngokoHlelo Lokuphatha olugunyaziwe.

Muva nje, kube nokukhala kwamalungu omphakathi ahlukene ezwakalisa ukwesaba kwawo izindlovu ezizulazula ezindaweni zazo, njengoba i-MGR ibonakala ingenzi lutho ukuxosha izindlovu zayo zibuyele ku-MGR. Uthango cishe alukho, futhi kube yisimangaliso ukuthi akekho olimele kwaze kwaba uLwesihlanu, zingama-22 kuNdasa wezi-2024, lapho indlovu ilimaza kabi uMnu. Buthelezi.

 UMnu Buthelezi ubeluse izinkomo zakhe , ngezithuba zabo-14h00 ngoLwesihlanu, lapho azithola ehlangabezana nomhlambi wezindlovu. Umhlambi wezindlovu wawubonakala ucasukile futhi ubanga umsindo, okubonisa ukucasuka kwawo. Ngokuphazima kweso, inkunzi yeNdlovu yagijima ibheke kuye yamphakamisela phezulu ngokumshwiba phansi phezulu. Ngokushesha, uMnu Buthelezi wabona ukuthi ukubaleka kwakungaseyona isisombululo. Wakhetha ukuzenza sengathi ufile njengoba inkunzi yeNdlovu yayiqhubeka nokumukhahlela.

 Kwathi umhlambi wezindlovu usuhamba, uMnu Buthelezi wakhasa wenyuka intaba , wamemeza edinga usizo. Ngeshwa, alukho usizo olwafika kwaze kwaba uMgqibelo, zingama-23 kuNdasa wezi-2024, lapho omunye umalusi owayefuna izinkomo zakhe wabe esembona futhi wamtholela usizo. UMnu Buthelezi waphuthunyiswa esibhedlela, walaliswa kuso.

 “Ngemuva kwalesi sigameko esingesihle, u-Ezemvelo unqume ukukhipha i-MGR isaziso sezinsuku eziyi 14 sokuthobela imithetho, lapho kufanele ibhekisise izindlela eziningana zokuvikela izimo ezifuze lezi nezingase zibeke impilo yabantu engozini. ‘’Ukwehluleka lapho kuyomele isikhungo siyibheke nendaba yokuzithutha lezilwane zisuke kulesiqiwi ngokomthethoo olaulayo’’. Kuphaula uMnu. Joe PhadimaUphethe ngokuphawula ukuthi, “Lesi sinqumo sithathwa ngemuva kwemizamo yangaphambilini yokuthola enye indawo yokuthutha izindlovu, okuhlanganisa nokubiza umphakathi usizo, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kuyafaneleka ukusho ukuthi ukuphathwa kwezindlovu eningizimu ne-Afrika kuwudaba oluya ngokuya lufinyelela esilinganisweni senhlekelele ngaphandle kwendawo eyaziwayo etholakalayo ye-Elephants.”

 Ngaphambi kwalesi sigameko, u-Ezemvelo yabe seyithathe izinyathelo ezimbalwa ngokumelene ne-MGR. Lezi zenzo zazihlanganisa ukukhipha izaziso zokuthobela imithetho, izaziso zokuthobela imithetho neziqondiso zokuthi abanikazi bezindlovu baziphendulele. Ngeshwa, imizamo ye-Ezemvelo iphazanyiswe ingxabano ethathe isikhathi eside yobunikazi bezindlu, eye yaba nzima imizamo yokuthatha isinyathelo ngokushesha. Kuyafaneleka futhi ukusho ukuthi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko esingesihle, i-Ezemvelo ibenezingxoxo ixoxisana nabathintekayo abahlukene, okuhlanganisa amaMawana Trustees, ama-NGO endaweni, uMnyango Wezamahlathi, Izinhlanzi kanye Nezemvelo, kanye nabaholi bomphakathi. mayelana nokuhlola izinketho ezitholakalayo zokubhekana ngokujulile nezindaba zezindlovu endaweni.

 Phakathi nenkathi yesaziso sezinsuku eziyi-14, i-Ezemvelo’s Conservation Officers izoqinisa izinhlelo zayo zokufinyelela emphakathini, yeluleke imiphakathi yendawo ngendlela yokuziphatha lapho ibhekene nomhlambi wezindlovu ukuze kwehliswe amathuba okuhlaselwa. I-Ezemvelo iphinde yelula isicelo sayo kuma-NGO, angase abe nesinye isixazululo esiphuthumayo sokuxhumana no-Ezemvelo zingakapheli izinsuku eziyi-14 zomyalelo wokuthobela okhishwe kubaphathi/abanikazi.

 Khonamanjalo, umhlangano womphakathi obuyizolo, zingama-30 kuNdasa wezi-2024 kugqame ukukhathazeka okukhulu mayelana nokuba khona kwezindlovu emhlabeni womphakathi. Lo mhlangano ubuhanjelwe nayi iMawana Game Reserve ,obemele I MGR ebephindelela enxusa umphakathi ukuba uzwelane nabo njengoba benganazo izinsiza zokususa izindlovu. Isicelo sabo asihlalanga kahle emphakathini wendawo obuzimisele ngokuthatha izinyathelo ezisheshayo zokususa izindlovu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *