
Kuloba uMalcom Hlongwane
I- MK Party yenze obekungalindelekile ngesikhathi yethula lowo ezofolosa ngaye okhethweni lawohulumeni basemakhaya nokunguye ozomela isifunda sase Ethekwini njengosodolobha. Lesisethulo seqembu senzeke kwisithangami sabezindaba kwelinye lamahotela Ethekwini( Skye Hotel) lapho belizokwethula uhla lwalabo abazolimela emikhandlwini emikhulu nalapho iphakamise uNkosikazi Zandile Hlophe Mkhwanazi ozoba kwesobuMeya Ethekwini.
Nakuba uNkosikazi Zandile Hlophe Mkhwanazi oyingxenye yesigungu esiphezulu kuleliqembu enamava kwezepolitiki futhi ethenjwa nawuMongemali weqembu uMnu. JG Zuma kodwa amagatsha aleliqembu kanye namalungu omphakathi owakhele Ethekwini abenako ukuhlawumbisela ukuthi kungase kube Unkosikazi Zandile Gumede ozomela esobuMeya Ethekwini.
Iqembu libuye laphakamisa uMnumzane Thulani Shongwe ozongenela esobuMeya emkhandlwini wase Ekurhuleni, Umkhandlu wase Johannesburg wona kuqokwe uMnumzane u Bongani Baloyi. Akaziningaka thuba izintatheli lo ozomela idolobha Ethekwini.
