
Iqembu lesizwe labesifazane lebhola lezinyawo iBanyana Banyana ilungiselela umdlalo wayo wobungani ozodlala kusasa ngo-15:00 ne-Algeria ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Umqeqeshi weqembu uDesiree Ellis ubike ukuthi ngalemidlalo bahlose ukulungiselela i-WAFCON ezoqala ngo Ntulikazi kuwona lonyaka. Futhi uhlose ukuthi bonke abadlali ababiziwe eqembini bathole isikathi sokudlala. “Kodwa ngiyazi ukuthi umphumela ubaluleke kakhulu kubalandeli, kodwa kithina, kumayelana nenqubo yokulungela i-WAFCON.
Leli elinye ithuba, yize iligi ingakaqali, ukuzilolonga kuqhubekile kuyo yonke inyanga kaNdasa ukuze sibone ukuthi abadlali bakuphi nezinga, ukuthi yini okudingeka sisebenzele kuyo ngaphambi kokuthi sibheke kwi-WAFCON.” Umqeqeshi u-Ellis uphinde wancoma iqembu lase-Algeria indlela elidlala kahle ngayo njengoba ezobhekana nalo amahlandla amabili. “Bayiqembu elihlelekile kakhulu. Sibonile ukuthi i-WAFCON idlala ibhola njengathi basebenzisa umzimba. Besilokhu sidlala namazwe ase-Afrika, asentshonalanga ye Afrika anamandla ngempela, adlala ibhola elide. Kodwa leli yiqembu elihlukile, elifana neMorocco.
Kufanele sisiphonsele inselelo ekudlaleni kwethu ngomzimba kanyenokuhlela.” Kubika u-Ellis. Ibanyana Banyana izophinde ibhekane okwesbili nalo izwe lase-Algeria ngolwesihlanu kulona leliviki kumdlalo wobungani eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
