
Umbiko: Aphelele Mathanda Mbotho
Photo Cred: Aphelele Mathanda Mbotho
Iqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana lizongcweka nezwe lasePanama kumdlalo wobungani kusasa ntambama ngehora lesikhombisa enkundleni yezemidlalo i-Moses Mabhida .
Lawa mazwe womabili azoqale adlale eMoses Mabhida , eThekwini ngolwesihlanu kuwu mhlaka-27 kuNdasa. Azophinde abhekane okwesibili ngomhlaka-31 kuyona lenyanga eDHL Stadium, eKapa. Njengoba ibafana Bafana izodlala kusasa yayigcine ukudlala kumqhudelwano we Africa Cup of Nations ngoMasingana lapho yakhishwa khona izwe laseCameroon kwisigaba somkhumula jezi. Izodlala lemidlalo emibili, izoze iyodlala umdlalo wayo nezwe laseMexico ozovula indebe yomhlaba ezobe iseNyakatho Melika ngomhlaka 11 kuNhlangulana.
Umqeqeshi uHugo Broos ubike ukuthi lemidlalo abazoyidlala nePanama iyona ezoveza ukuthi ngabe basezingeni elifanele. Uphinde wachaza ukuthi kuzobasiza ekutheni kuvele lapho ekumele balungise khona kulezi zinyanga ezisele nokuthi ngabe bakulungele yini ukuthi baqhudelane kwindebe yomhlaba njengoba bezodlala neMexico.
“Lokho kusho ukuthi ukudlala neqembu elihle kuyoba ukuhlolwa okuhle kithi kusasa ukubona ukuthi siphakathi kwezinga elingakanani okwamanje nokuthi kusamele sikwenze ini ezinyangeni ezizayo ngomdlalo noMexico.” Kubika uBroos kwisithangami sezindaba ebesibanjwelwe namuhla eMoses Mabhida Stadium.
UBroos uphinde wabika ukuthi kubalulekile ukuthi banqobe kusasa. Kodwa ngakolunye uhlangothi, okubalulekile kakhulu ngaphandle komphumela yindlela iqembu elenza ngayo enkundleni. Futhi uma benqoba kuzobasisiza babe nokuzethemba nokukholelwa kubona, okuyinto abazoyidinga manje ngalesi sikhathi ngemuva kokudumazeka e-Afrika.
Abadlali ababili okunguMbekezeli Mbokazi (Chicago Fire) kanye noBongokuhle Hlongwane (Minnesota United) angeke balibambe iqhaza enkundleni kusasa ngenxa yokuthi babe nohambo olude ukusuka eMelika beza kuleli. Ngokubika kukaBroos uthi kumele bathole ukuphumula okwanele, kepha bazodlala kumdlalo wesibili eKapa.
“Into kuphela engingayisho ngaleqembu ukuthi uHlongwane noMbokazi bangeke badlale. Lokhu akubangelwa ukuthi bayagula noma balimele. Kungumbuzo nje wohambo abaluthathe ukusuka eMelika baze bafike lapha. Ngakho-ke laba bafana badinga isikhathi esincane sokululama. Kodwa bazobe bekhona nakanjani ngesonto elizayo, ngoLwesibili emdlalweni wesibili..” Kulandisa uBroos.
Ukapteni ophinde abe unozinti weqembu uRonwen Williams uthi ujabule njengoba behlangene bonke njengeqembu lesizwe ngemuva kokuthi balinde izinyanga ezintathu ezibuhlungu ngemuva kokwehluleka ukuthi badlulele kwisigaba esilandelayo kumqhudelwano we-Afcon. Uphinde wabika ukuthi kwakumele njengeqembu babuye bazihlole lapho bengenzanga kahle khona.
UWilliams uveze ukuthi iqembu lasePanama akumele balithathele phansi njengoba kuyiqembu elizimisele futhi elinobuchule uma kuziwa enkundleni njengoba lingadingi amathuba amaningi ukuthi likushaye.
“Baliqembu elisezingeni elikhulu, bahleli endaweni yama-33 emhlabeni wonke futhi asikaze sibe ngaphezulu kwendawo yesi-50 isikhathi eside.Sizijwayezile nabo futhi bayiqembu okudingeka ukuthi ulithathele phezulu. Abadingi amathuba amaningi ukukulimaza futhi yilokho esakubonile kumdlalo wabo wokugcina wokukhetha lapho bawina ngo-3-2 ukuze badlulele kwiNdebe yoMhlaba.”
Naye uWilliams uyakholelwa ekutheni lomdlalo uzobaluleka kakhulu ngaphambi kokuthi badlale iNdebe yoMhlaba.

