
IsiGungu Sikazwelonke Samalungu e-SALGA senzeke kusukela mhla zingama-25-27 kuLwezi, 2025, e-ICC yaseThekwini, sigxile ekunikezeni amandla omasipala ukuthi baqhube uhlelo lokukhula kweNingizimu Afrika ngokusimama komnotho kanye nokulethwa kwezinsiza ngendlela efanelekile. Abaphathi bemikhandlu ehlukahlukene baye baba nomuzwa wokuthi kungaba kuhle isabelo zimali esitholwa omasipala sithi ukwenyuswa ngenxa yokuthi bazithola sebenengcindezi enkulu yokwenza umsebenzi ngesabelo esingaphansi kwezidingo.
Ingqikithi yalengqungquthela bekuwukugcizelela ukubaluleka komasipala ekuqhubekiseni ukukhula komnotho,ukuthuthukisa ukulethwa kwezinsiza,kanye nokubhekana nezinselelo ezicindezelayo ezifana nokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nokusilela emuva kwengqalasizinda
Kwinkulumo ekhethekile, IPhini likaMongameli uMnu-Paul Mashatile ugcizelele indima ebalulekile yohulumeni basekhaya ekubumbeni isimo sezwe sezomnotho nezenhlalo, egqamisa isidingo sokubusa okuhle, ukusimama kwezimali, kanye nobuholi obunesimilo.Usekela Mongameli uphinde wathi naye unomuzwa ovumelana nombono wokuba isabelo zimali senyuswe koMasipala.
Eqhubeka nenkulumo yakhe uthe, Ukuqinisa ukuphathwa kwezimali, ukwakha amandla koMasipala, kanye nokusungula izinguquko ukuze kuqinisekiswe ukusimama kwezimali nokuvimbela inkohlakalo kuhlonzwe njengezinto ezibalulekile.
Lo mcimbi uhlanganise abasebenzi bohulumeni basekhaya abangaphezu kwenkulungwane, abenzi benqubomgomo, kanye nababambiqhaza ukuze kuxoxwe ngezindaba ezibucayi ezithinta omasipala kanye nohlelo lokukhula kwezwe .
