Ezakamuva ngezicelo ze- Operation Vula Fund

UMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha, Nezindaba Zemvelo uthanda ukucacisa mayelana nesimo esiqhubekayo se-Operation Vula Fund.

Sathole izicelo zoxhaso ezevile kwizinkulungwane ezi-26,000 ezivela kuso sonke isifundazwe. Okwamanje sisembhidlangweni wokucubungulisisa isicelo ngasinye ukuze kuqinisekiswe ubulungiswa nokuphelela ngaphambi kokudlulela esigabeni esilandelayo.

Kuyintokozo ukwethula umbiko ngenqubo ye-Tier 1 eqhubeka ngokungenazihibe. Ihhovisi lomqondisi weOperation Vula Fund lizoqala maduze inqubo yokukhipha imali yabo bonke abafake izicelo abaphumelelile ezifundeni eziyi-11.

Sisezigabeni zokugcina zokucubungula uTier 1 esifundeni saseMkhanyakude, okuhlelwe ukuthi siphothulwe zingama-30 kuNcwaba wezi-2024. Abafakizicelo abangakutholi ukuxhumana ngomhla zingama-30 kuSepthemba 2024 kufanele bacabangele izicelo zabo njengezingaphumelelanga.

Labo asebesayine izinkontileka noma bathola amasheke, bazothintwa uma sekuqalile uhlelo lokukhokha.

Inqubo yokuhlola ye-Tiers 2 kanye ne-3 isaqhubeka. Ithimba lethu licubungulisisa ngokucophelela zonke izicelo ezilethwe kuso sonke isifundazwe.

Siyaxolisa kakhulu nganoma yikuphi ukuphazamiseka okubangelwa ukubambezeleka futhi siyabonga ukusibekezelela kwenu nesineke kanye nentshisekelo ku-Operation Vula Fund. Siyaqinisekisa, ukuhlezi sikwazisa njalo ngokuqhubekayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *