Awasalanga ngaphandle kwi-GNU amaqembu awomakoti kwezombusazwe

Kubonakala ezoba negalelo elikhulu kuhulumeni wobumbano amaqembu amancane nasanda kungena kwezombusazwe njengoba nawo eye azihlomulela ngezikhundla ezinomthelela omukhulu ekulethweni kwezidingo zomphakathi.

iqembu i-Rise Mzansi nalo elinye iqembu elibukeka lidlondlobala ngesivinini njengoba bekungokokuqala lingenele ukhetho lukazwelonke nalapho likwaze ukuthola izihlalo ezifundazweni nakuzwelonke. uSihlalo weqembu eGauteng u Vuyiswa Ramokgopa uqokwe njengo Ngqongqoshe emnyangweni Agriculture,Rural Development and Agrarian Reform eGauteng.

Ayisalanga ngaphandle noma sekwabiwa izikhundla zamakomidi abhekele ukusebenza ephalamende njengoba lowo ongumholi waleliqembu kuzwelonke uMnu. Songezo Zibi eqokelwe ukuba yingxenye yekomiti -Standing Commitee on Public Account (SCOPA) ne Trade,Industry and Competition.

Kanti usotswebhu weqembu u Makashule Gana uqokelwe kulamakomidi alandelalyo: Human Settlements, Transport ne Police.

Onke lamakomiti ayinjini enkulu yephalamende njengoba ekwazi ukubiza leyomnyango eyengamele iphunde iqondise izigwegwe lapho kungahambi kahle khona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *