Ungqongqoshe umemezele ukuhlakazwa kwebhodi yezimali zabafundi

Ungqongqoshe emnyangweni wezemfundo emabangeni aphakeme kanye nezobuchwepheshe uDokotela Blade Nzimande usememezele izindaba zokuthi ibhodi lesikhungo u- NSFAS selihlakaziwe. Lesikhungo sengamele isikhwama sezimali zoxhaso lemfundo ephakeme kulabo bafundi abantulayo. Lesimemezelo uNgqongqoshe usethule esithangamini sabezindaba khona namhlanje, nalapho ekusho ngembaba ukuthi ukuhlakazwa kwebhodi lika NSFAS ukwenza ngegunya lakhe alinikwa umthetho isigaba 56 sika 99 ( act 56 of 99).

Lelibhodi lika NSFAS , uNgqongqoshe nakuba isikhungo esincoma ngomsebenzi omuhle esibekelwe ukuwenza, nanokuthi isikhungo sesikwaze ukweseka abafundi abevile kwizigidi ezinhlanu saphinde sakhiqiza inqwaba yezifundiswa kusukela sabakhona kodwa , uNgqongqoshe uthe nakuba kunjalo ibhodi lona liyehluleka ukuletha imibiko edingwa iphalamende kanye nokuba nesikalo sesikhathi sokwenza nokuphothula umsebenzi. Inhlangano kaNSFAS isizoba ngaphansi kokuphatha phecelezi ngesilungu Administration kusukela manje. ”Asethembe sizozithola izimali zethu,” kusho abafundi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *