
Sabie Chili
Seziveziwe izinkundla lapho kuzodlalelwa khona umqhudelwano wendebe yomhlaba yekhilikithi ka 2027kuleli eNingizimu Africa ibambisene namazwe amabili, iNamibia ne Zimbabwe. Zingu 8 izinkundla okuzodlalwa owendebe ye 2027 Cricket World Cup

Lokhu kuqinisekiswe nguPholetsi Moseki oyi-Chief Executive kwinhlangano eyengamele icricket kuleli, iCricket South Africa. Ezinye izinkundla okuzodlalelwa lomqhudelwano ozokuba Phakathi kuka October kanye noNovember 2027 zizokuba semazweni angomakhelwane kuleli okuhlanganisa iZimbabwe ne Namibia okungamazwe azobambisana ne Ningizimu Africa kulomqhudelwano omkhulukazi emhlabeni.
UMoseki ekhuluma ne News24 website uqhube wathi izinkundla zakuleli zikhethwe ngezizathu eziningi okuhlanganisa ukuthi ziseduze nezikhumulo zezindiza namahotela. Izinkundla zakuleli okuzodlalelwa kuzona ngo 2027 kubalwa eyase Wanderers e-Goli, Supersport
Park e-Centurion, Kingsmead stadium e-Thekwini, Newlands e-Kapa, St George’s Park e-Gqeberha, Buffalo Park e-East London, Springbok Park e-Bloemfontein nase Boland Park e-Paarl. Ezinye izinkundla kusazomele zilungiswe, ikakhulukazi ukukhanya bha enkundleni nokulinganiselwa
ku R80 million kuzozonke izinkundla. I-Ningizimu Africa yagcina ukusingatha umqhudelwano wendebe yomhlaba ye Cricket ngonyaka ka 2023. Angu 14 amazwe azobe edudulana kulomqhudelwano.
Okunye futhi okuvelayo ukuthi lomqhudelwano womhlaba inhlangano i- CSA kuzodingakala isizumbulu esilinganiselwa ku R200 Million kuya ku R400 Million ukulungiselela lemidlalo ukuze ibeyimpumelelo.
Kumanje i-CSA iguqa ngedolo ku hulumeni wakuleli ukuba ungenelele ikakhulukazi ukulungisa izinkundla zibesesimweni esifanele nesilungele lemidlalo nokumele inxenye enkulu ibe-seyiphothuliwe.
