UMnyango ubekezele kakhulu ngemboni Yezindwangu.

Umhloli Jikelele emnyangweni Wezokuqashwa Nezabasebenzi, u-Aggy Moiloa ekhuluma kwiseshini yesidlo sasekuseni utshele izethameli ukuthi uMnyango ubekezele kakhulu ngoMkhakha Wezingubo Nezindwangu.

U-Moiloa ubekhuluma esidlweni sasekuseni nemboni-Yezingubo neziNdwangu, ehlelwe uMnyango wezoKuqashwa kanye Nezabasebenzi, mhla ziyi -13 Mashi 2024.

“Sibekezele kakhulu kulo mkhakha; akumangalisi ukuthi sisabambekile,” uthe Izinjongo zeseshini Yesidlo bekuyilezi:

  • Ukuqwashisa ngokuxhashazwa kwabasebenzi abasengozini kanye nokumela amalungelo abo
  • Ukubhekana nezinselelo zalomkhakha ekuhambisaneni nemithetho yokuqashwa.
  • Xoxa ngezinyathelo zokulungisa ukuze kuthuthukiswe ukuthotshelwa komthetho wezabasebenzi.
  • Ukusungula inkundla yokusebenzisana yezinhlaka ezibambe iqhaza embonini ukuze zilwe ngokuhlanganyela nokungathotshelwa komthetho.

Ezinye izinselelo ezibhekene nalo mkhakha zihlanganisa ukuxhashazwa kwabasebenzi, ukuqasha abantu bangaphandle abangenazo izincwadi, nokugwema ukuhlolwa kezindawo zabo. Baze bechibiyele izinkampani zabo bezenze zibe imifelandawonye (CO-OPS) ukugwema ukugcina imithetho Yezemisebenzi.

UMoiloa uphinde wagcizelela izinsika ezine zomsebenzi ohloniphekile, okuwukugqugquzela imisebenzi namabhizinisi,ukuqinisekisa amalungelo emsebenzini, ukwelula ukuvikelwa komphakathi, kanye nokukhuthaza inkulumo mphendulwano yomphakathi. “Sinesibopho sokushintsha ubuso bemboni Yezingubo Nezindwangu”, kusho uMoiloa.

Ababandakanyekayo kulemboni bavumelene nomnyango kanye noBargaining Council for Clothing and Textile ngezinselelo ezethuliwe . Bahlabe ikhwelo kuhulumeni lokuba amise izephulamthetho. Odabeni lweNational Minimum Wage, abaqashi batshele iseshini ukuthi amanani anqunyiwa ngabezitolo abathumela umsebenzi. “Abanye bezitolo bayisa ama-oda abo kwamanye amazwe eSADC njengo-Lesotho, Eswatini, neMalawi lapho amanani abo entengo iphansi futhi ingenisa imikhiqizo ezweni”, kusho omunye wababekhona.

Iseshini ivumelene ngazwi linye ukuthi okunye ukuxoxisana kuyadingeka nabezitolo abakhona

nabadlala indima ebalulekile ochungechungeni lwenani.Kuzokwakhiwa iqembu elihlanganisa osomabhizinisi,uhulumeni, izinyunyana, nabanye ababambiqhaza embonini. Okokugcina,kuzoqinisekiswa ukuhlolwa okunhlobonhlobo futhi kuphinde kunikezwe izincomo esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha’ .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *