Akucaci ngekusasa lomqeqeshi wakuleli eqenjini eliku EPL

Sabie Chili

Akucaci ngekusasa lomqeqeshi wakuleli eningizimu Africa Bennie McCarthy oqeqesha abagadli eqenjini le Manchester Utd egijima ku English Premiership.

Lomqeqeshi uneminyaka emibili esebenza e Old Trafford.

Ukewadlala ku EPL ngaphambilini ku Blackburn Rovers ne West Ham, kanti ukwi technical team kamqeqeshi Erik Ten Hag.

Abalandeli be Red Devils bamthanda ukufa lomqeqeshi yize iqembu liphikwa imiphumela.

Icontract ka Ten Hag iphela ngo June kanti ngeke ivuselelwe nokungacaci ke ngekusasa lika McCarthy ukuthi kuzomiswa kanjani ngaye njengoba alethwa nguye u Ten Hag.

Kodwa usezimisele ukusebenzisa isipiliyoni asiholile ukuzimela athole itoho ku noma iliphi iqembu nje nge Head coach.

Useke wakuveza ngaphambilini ukuthi une sifiso sokuqeqesha iqembu lakubo lesizwe iBafana Bafana ngelinye ilanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *