Sabie Chili
Inhlangano eyengamele iHockey KwaZulu-Natal ihlele iworkshop eyaziwa nge Safe Guarding Workshop ezokuba se Kloof Primary School.
Loluhlelo uzokuba mhlaka 14 March ngolwesine kanti Inhloso yayo ukuqwashisa bonke abasendimeni ezemidlalo, ikakhulukaz abaqeqeshi nezimenenja ngokuphepha kwabobonke abasuke bedlala.
Ongumengameli we KZN Hockey Association uMnuz Nkosinathi Ngubane uthe Inhloso yaloluhlelo ukusiza nokufundisa abathandi ezemidlalo, abaqeqeshi kanye nezimenenja ukuba mabehamba nabantwana yini esuke ilindelekile kubona, ukwenzela ukuba abadlali nawo wonke umuntu osuke hambe naye uphephile.
Loluhlelo lumahala akukhokhwa mali. Angilindele Abe Hockey kuphela kodwa wonke umuntu ozibandakanye ezemidlalo ngoba uzozuza kukhulu, futhi kuzobe luhanjelwe isihambeli esiqavile esiqhamuka KUZWELONKE, kuqhuba uNgubane.
