Sabie Chili
Kuyichilo nehlazo okwenzeka emaqenjini ase KZN agijima ku Dstv Premiership KULESIZINI esikuyo ka 2023/24.
Isifindazwe sase KZN ku yaziwa ukuthi yiso esikhiqiza inqwaba abadlali abanohlonze, kanti namaqembu akhona amaningi anomlando omkhulu ekusizeni Ibhola laseNingizimu Africa ukuba libesezingeni eliphezulu.
Izolo ngolwesithathu besekudlalwa imidlalo ka 19 yeligi, kodwa isimo amaqembu akulesifundazwe abukeka eshaya udaka njengoba lingekho eliku top 8.
Lokho KUKODWA kuyihlazo elingabekezeleki nokuthunaza isithunzi sase KZN kanye nezinkakha ezabeka isifundazwe ebalazweni.
Emva kwemidlalo yayizolo isimo besingesihle njengoba Amazulu Fc ahlezi kunombolo 11 namaphuzu angu 23 alingana ne Golden Arrows ehlezi kunombolo 12, ilandelwa yi Royal Am kunombolo 13 namaphuzu angu 22 ngemidlalo engu 18.
Richard’s Bay FC kubukeka inhlanhla ingekho ngakubona njengoba Ibhola labo lindlondlobele kakhulu kodwa imiphumela iyabaphika, yona ihlezi kunombolo 15 namaphuzu angu 13.
Inanyathelwe yi Cape Town spurs enamaphuzu a ngu 11 sebehlukaniswe amaphuzu amabili.
Isimo masinjena kusuke sekudingakala umdlali wesi 12 okuwumphakathi wase KZN ugcwalise inkundla emidlalweni esele yasekhaya.
Kodwa amathuba okusinda ezemben asasekhona, inqobo nje Amaqembu yasekhaya mayedlala namanye asekuhambeni kumele awashaye ukuze kuphefumule lasekhaya.
Makusekhona iqembu elisalelwe ukudlala ne Spurs kumele linqobe kumnyama kubomvu.
Angibheke le isimo se Log emva kwemidlalo yayizolo:

