Ezika Shalulile no Hotto baya ku Bafana sebekhuthazwe ama bhonasi

Sabie Chili

Iqembu lesizwe lase Namibia izotholana phezulu ne Bafana Bafana sebekhuthazwe ngokunika amabhonasi ngaphambi kwa Lomdlalo.

IBafana Bafana izobhekana ne Namibia kusasa ngesonto ngehora leshumi kusihlwa emidlalweni wesibili ku Group E, kowe Africa Cup of Nations ebanjelwe e-Ivory Coast.

Uzokhumbula I Namibia egijinyelwa inqwaba yabadlali nabadlala eningizimu Africa ku Dstv Premiership ne Motsepe Foundation Championships okubalwa umgadli we Mamelodi Sundowns u-Peter Shalulile no Deon Hotto we Orlando Pirates. 

Lelizwe lase Namibia lithenjiswe yinhlangano eyengamele Ibhola kuleliyalizwe u R150 000 kanye nenkampani yezokubheja khona I PST Bet nayo yakhipha R150 000 nokugcine  kuwu R300 000 seyiyonke abazohlukaniselana wona Uma benqoba ku Bafana Bafana kusasa. 

I Namibia inqobe ngo 1-0 kwi Tunisia kowokuvula wathi iBafana Bafana yaguqa kwi Mali ngo 2-0.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *