By Sabie Chili
Umphathi weqembu le TS Galaxy uTim Sukaz UTHEMBISA ukuthi ngomgqibelo inkundla yase Moses Mabhida stadium ethekwini uzoyipenda ibe bomvu abalandeli be The Rockets kuyigama abateketiswa ngalo.
IGalaxy izotholana phezulu ne StellenBosch FC yase kapa kowamanqamu omqhudelwano we Carling Knockout Cup ngehora lesithathu ntambama.
Ezika Sukaz aziqali ukudlala owamanqamu kulelidolobha lase thekwini njengoba ngonyaka ka 2019 baphakamisa indebe ye Nedbank cup bebhuquzisa Kaizer Chiefs ngo 1-0.
KULOWOMDLALO EZIKA sukaz zazinganikwe thuba njengoba zazisadlala esigabeni se Gladafrica Championships(osekuyi Motsepe Foundation Championships).
Kulomdlalo wangempelasonto ngiyathembisa ukuthi iningi labalandeli abazokwethamela IFinal bazobe belandela i-The Rockets ngenxa yothando lwabandeli abathanda Leliqembu, futhi ngiyanxusa ukuba bagqoke imibala ebomvu, ubenze bakwenza nango 2019, “kubeka USukazi”
USukazi Uqhube wathi Leliqembu lihlale lidlalwa ngethalente lase KZN njengenjwayelo njengoba ulenza lidla umhlanganiso nango 2019 lapho laligiima nango Snethemba Ngidi, awakwaMashu (babekhona abanye).
Nginxusa abalandeli bebhola ukuba bezokweseka IGalaxy ngoba ngomgqibelo omunye abadlali babo uNkosikhona Radebe wase Lindelani uzobe khona eqenjini, ngalawomazwi abaphume ngobuningi babo bazobeseka, “kusho uSukazi”
Keliviki it’s Galaxy imatasa ihambela amalokishi ase thekwini Bafana ne Kwandengezi, Kwamashu, Umlazi, KwaSanti nasolwandle ukugqugquzela ukuba bezokwethamela Lomdlalo.
Akungabazeki ukuthi iningi labantu base thekwini bafisa ukuba lendebe inqontshwe yi Galaxy, kwazise phela Leliqembu liyakholelwa kubadlali base thekwini, nokuthi unkosikazi ka USukazi ungowokudabuka ethekwini, nokuchaza ukuthi Leliqembu liyinxenye yabantu base thekwini.
| ReplyForward |
