By Sabie Chili
Seziqhathiwe izikole ezizodudulana ndawonye kumqhudelwano we CAF African Schools Football Championships, Cosafa qualifiers.
Lemidlalo ihlanganisa izikole nama Academy ehlukene aqhamuka emazwen ehlukene ase Africa lapho kudlalwa Ibhola likanobhutshuzwayo labafana amantombazane eminyaka ngaphansi kweshumi nanhlanu
Kuzodlala kuhlukaniswe ngamaqoqo amabili, okuwu Group A no B namaqembu amahlanu iGroup ngayinye.
Amaqembu amabili oqeda phezulu azobesedlulela phambili Kuma Semi Finals
Osokhaya Zimbabwe okuzobe kudlalelwa khona iku Group A ehlanganisa Malawi, Botswana, Eswatini neMozambique
Ku Group B kune Ningizimu Africa, Zambia, Namibia, Madagascar ne Angola
Iningizimu Africa izobe imelwe yi-Ubuntu Football Academy kuBafana, kuthi amantombazane imelwe yi – Edendale Technical school.
Imidlalo yabafana IZODLALWA enkundleni ephelele no 11 v 11, kuthi eya mantombazane kuzodlalwa kwinxenye yenkundla no 8 v 8 kanye nemizuzu engamashumi amabili ezodlalwa.
Ingu 44 imidlalo okuhlelwe ukuba idlalwe
Asikubhekele imidlalo iqhathwe kanjan ngokwamaqoqo
Group A
. Zimbabwe
. Malawi
. Botswana
. Eswatini
. Mozambique
Group B
. South Africa
. Angola
. Zambia
. Namibia
. Madagascar
| ReplyForward |
