ZIQHATHIWE EZIZOGIJIMISANA KUMQHUDELWANO WEZIKOLE ZASE AFRICA

By Sabie Chili

Seziqhathiwe izikole ezizodudulana ndawonye kumqhudelwano we CAF African Schools Football Championships, Cosafa qualifiers.

Lemidlalo ihlanganisa izikole nama Academy ehlukene aqhamuka emazwen ehlukene ase Africa lapho kudlalwa Ibhola likanobhutshuzwayo labafana amantombazane eminyaka ngaphansi kweshumi nanhlanu

Kuzodlala kuhlukaniswe ngamaqoqo amabili, okuwu Group A no B namaqembu amahlanu iGroup ngayinye.

Amaqembu amabili oqeda phezulu azobesedlulela phambili Kuma Semi Finals

Osokhaya Zimbabwe okuzobe kudlalelwa khona iku Group A ehlanganisa Malawi, Botswana, Eswatini neMozambique

Ku Group B kune Ningizimu Africa, Zambia, Namibia, Madagascar ne Angola

Iningizimu Africa izobe imelwe yi-Ubuntu Football Academy kuBafana, kuthi amantombazane imelwe yi – Edendale Technical school.

Imidlalo yabafana IZODLALWA enkundleni ephelele no 11 v 11, kuthi eya mantombazane kuzodlalwa  kwinxenye yenkundla no 8 v 8 kanye nemizuzu engamashumi amabili ezodlalwa.

Ingu 44 imidlalo okuhlelwe ukuba idlalwe

Asikubhekele imidlalo iqhathwe kanjan ngokwamaqoqo

Group A

. Zimbabwe

. Malawi

. Botswana

. Eswatini

. Mozambique

Group B

. South Africa

. Angola

. Zambia

. Namibia

. Madagascar

ReplyForward

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *