
Aphelele Mathanda Mbotho
Photo Cred: SALGA KZN
Njengoba uSodolobha waseMsunduzi ethule izimoto eziyi-12 ezintsha zeYunithi Yamanzi kanye Nokuthuthwa kwendle, lokhu kuyajabulisa kakhulu futhi kukhombisa ngokusobala ukuthi uMasipala uzimisele ngokusebenzela umphakathi.
USodolobha ohloniphekile, uKhansela uMzimkhulu Thebolla kanye nePhini likaSodolobha iKhansela uMxolisi Mkhize, uMphathi kaMasipala uMnu. S.F. Mndebele kanye noMnu. S Hlela we-DMM Infrastructure Services banikezele ngokusemthethweni izimoto enkudleni yezemidlalo i-Harry Gwala .
Lesi sinyathelo sihlose ukuqinisa nokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezidingongqangi nokusebenza kwazo kanye nokuqinisekisa ukuthi ziyafinyelela emphakathini. Ukwengezwa kwalezi zimoto kuzokwenza ukuthi amathimba asebenze ngempumelelo futhi afinyelele kuzo zonke izindawo lapho kudingeka khona izidingongqangi.
Izimoto Zamanzi Nokuthuthwa kwendle zizodlala indima enkulu ekuthuthukiseni impilo yezakhamizi yansuku zonke ngokuqinisekisa ukuthi kulungiswa ngokukhulu ukushesha ukuvuza kwamanzi, ukuqhuma kwamapayipi, ukuvaleka kwezitamkoko kanye nezimo ezithinta ukuthuthwa kwendle. Bazophinde beseke ukulungiswa kwemigwaqo, ukulungiswa kwenqgalasizinda kanye nokulethwa kwamanzi ahlanzekile emiphakathini engenawo amanzi.
Ngokuthuthukisa ukuhamba kanye nokusebenza ngesikhathi, lezi zimoto zizosiza ekunciphiseni ukuphazamiseka kwezidingongqangi, ukukhuthaza inhlanzeko kanye nezempilo, nokuqinisekisa ukuthi imiphakathi ithola izidingongqangi ezithembekile nezisebenza kahle zamanzi nokuthuthwa kwendle.
