
Sabie Chili
Umqeqeshi we Lamontville Golden Arrows uSteve Komphela utusa ikhono
lomgadli we Orlando Pirates uTshegofaso Mabasa obuyelwe yifomu
kulezinsuku.
U ”Mphathi” okuyigama ateketiswa ngalo uthi lomgadli nguye owamnyusela
eqenjini elikhulu esaqeqesha ku Bloemfontein Celtic lapho ayedlala ezinhlakeni
ezincane okuyilapho abona ithalente lakhe esasemncane.
UMabasa ungumgadli ongomunye wabahamba phambili kuleli, kanti futhi
okumsizayo ngaye ukuthi ungumdlali oqhamuka emndenini omesekayo
yingakho kubelula kakhulu kuye ukuvelela, “kusho uKomphela.
Ungumgadli onethalente elivela kunkulunkulu. Ngamnika ithuba ku Celtic,
walibamba ngazozombili, kanti uhlakaniphile kakhulu, uyakwazi ukusebenzisa
ikhanda nezinyawo yingakho ezohlala isikhathi eside ebholeni, usazoya kude,
“Kubeka UKomphela.”
Okuhle ngaye ungumdlali olalelayo nokulula kakhulu ukusebenza naye.
UMabasa ubolekiswe kuMoroka Swallows ngesizini edlule ukuze athole ithuba
lokudlala njalo. Ubesebuyiswa ngo January kulonyaka ngenxa yezinkinga
ezazikhungethe izinyoni.
UMabasa kulindeleke ukuba aqhubeke nebhola elihle uma ezakhe sezibhekene
ne Sekhukhune United ePeter Mokaba stadium, eLimpopo ngehora lesithupha
ntambama kowe Dstv Premiership ngomgqibelo.
Abafana Besithende bona banomdlalo onzima kakhulu womkhaya waKwazulu-
Natal ne Richards Bay FC kowe Dstv premiership ngawo umgqibelo,
eMpumalanga stadium ligamenxe elesithathu ihora ntambama.
