Kume nse ukudiliva kwezithuthuthu nama Ehailing ngenkathi abashayeli bengenela umbhikisho we March and March Ethekwini

Ziya zikhula kakhulu izibalo zabakhombisa ukungenami nokukhalaza nokuzwakalisa ilaka labo beviliyela ezitaladini eNingizimu Afrika,kanti ababhikishi akubadikibalisi ukutshalwa kwabombutho wezokuvikela.

Kubonakale Umbhikisho owaziwa ngele March and March ungenelwa abezithuthuthu ezidiliva ukudla kanye nezimoto ezincane ezithutha umphakathi nezaziwa ngama uber,bolts nezinye ngokuhlanganyela nababhikisha behamba ngezinyawo. Lombhikisho bewuhlukene izigaba ezintathu njengoba abezimoto bebeviliyela komunye umgwaqokazi weTheku,besekuthi abezinyawo nabo bemasha kowabo umugwaqo,ngokunjalo nezithuthuthu bezihamba kowazo umgwaqo kodwa womathatu lamaqembu akwazile ukugcina esehlangene ndawonye.

Okunye okuqaphelekile ngaleMashi yanamhlamnje 21/10/2026 ukubonakala kwezokuphepha obekubandakanya uphiko lwamaphoyisa akwa SAPS, Metro Police kanye namasosha (SADF). Azibanga khona izigameko zodlame ezenzekile kanti ababhikishi babe sebekhukhula ngomgwaqo belibangise ku Moore Road nokuyilapho kunesakhiwo somnyango wezasekhaya ( Home Affairs) esivame ukusiza abokufika kuleli. Lomphakathi obhikishayo uveze uuthi uzimisele ukuqhinqa kuyo leyandawo kuze kube izikhalazo zabo ziyaphendulwa.

Iphephandaba lingakusho nje kugcwale ukuthi ama order abantu, kanye nezicelo zokugibela izimoto ezithuthayo kuye kwama nse njengoba nesiqubulo sithi “March and March until we win” okusho kona ukuthi uma bengakawini akukapheli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *