ITheku Livuselele Isikhungo Sokubhukuda saseMlazi kanye Nezinkundla Zemidlalo Ehlukahlukene

UMasipala waseThekwini uvule ngokusemthethweni iChibi Lokubhukuda laseMlazi esigcemeni sakwa BB , leli chibi elingamamitha angu-50 livuselelwe kabusha kwaphinde kwanikezelwa indawo entsha yemidlalo enhlobonhlobo ngomhlaka-16 Okthoba. Ukuvulwa kwalezindawo kukhuthaza ukuzithuthukisa nenjabulo entsheni ngaphambi kwamaholide.

Lendawo yokubhukuda iye yathola ukulungiswa kabusha emva komonakalo omkhulu owenzekile nobekucaca ukuthi kunesidingo sokuvuselelwa kabusha, ukulungiswa kwechibi kudlule ezigabeni ezintathu kusukela ngoMeyi 2025. Indawo ethuthukisiwe inechibi lezingane elivulelekile ukuqeqesha ngamakhono okuphepha emanzini kanye nokubhukuda endaweni ephephile. Lesi sikhungo sijoyina amanye amachibi omphakathi angu-43 asebenzayo kulo lonke umasipala.

Ngaphezu kokuthuthukiswa kokubhukuda, indawo iguqulwe yaba yindawo yezemidlalo ephelele. Izinkundla ezisanda kwakhiwa zihlinzeka ngemikhakha eminingi, okuhlanganisa:Ibhola Lomnqakiswano,ibhola lomshwibo,kanye nemidlalo edlalelwa ngaphakathi

Ekhuluma ekwethulweni, uSihlalo weKomidi Lezinsizakalo Zomphakathi uKhansela uZama Sokhabase ugcizelele umthelela obanzi wokutshalwa kwezimali:

“Ngalezi zikhungo, sifuna ukukhulisa ithalente lezemidlalo, sinikeze intsha amathuba okuthuthukisa amakhono ayo, futhi sibagcine kude nemigwaqo. Ezemidlalo zidlala indima ebalulekile ekwakheni ukuziphatha, ukukhuthaza izindlela zokuphila ezinempilo, nokudala izindlela ezinhle zentsha yethu. Sikhuthaza umphakathi ukuthi uthathe ubunikazi balezi zikhungo, uzisebenzise ngokuzibophezela, futhi uzivikele ekubhujisweni ukuze zizuze izizukulwane ezizayo.”

Njengoba imindeni nababhukudi beqala ukusebenzisa indawo ethuthukisiwe, iDolobha linxuse umphakathi ukuthi ulandele izinyathelo zokuphepha ezibalulekile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *