
Inhlangano engenzi nzuzo iMELITHA ihlele ukhukhulela ngoqo womkhuleko nalapho kuhlangene khona abaholi bezenkolo bamahlelo ahlukene, abantwana besikole, izithunywa ezivela kuhulumeni wesifundazwe kanye nengalo yomthetho SAPS no Ethekwini Metro Police)
Inhloso yalomkhuleko obanjelwe eNdaweni yaseNew Germany ngase Pinetown ukukhulekela ukuba uNkulunkulu angenelele ekupheleni kwe GBV kanye nokubulawa kwabantu besifazane.
Okugqame kakhulu kulomkhuleko ukubona ukubambisana komphakathi osukume wahambela lomkhuleko, okubalwa izikole eziseduze nalendawo. Izikole eziyingxenye yomkhuleko I Ziphathe High School, UDumo Primary School no Mqhele High School okuyizikole zase Clermont, kanti ke I New Germany Primary School nayo ibiyingxenye yalomkhuleko kwazise ubusendaweni yabo.
Abantwana nabazali, abefundisi,abamele uhulumeni kanye namaPhoyisa bonke basho ngazwi linye bethi “Sekwanele ngokubulawa kwabesifazane” nokuyiyona ngqikithi yomkhuleko.
