
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi, unxuse ukuthi kungenelele uhulumeni kazwelonke ngokushesha kulandela isimemezelo se-ArcelorMittal South Africa sokuvala ukusebenza kwayo kwensimbi eNewcastle naseVereeniging, nokuzoholela ekulahlekeni kwemisebenzi ebalelwa kwi-2 000. UZondi ubhalele uNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nezokuncintisana, uMhlonishwa Parks Tau, ecela ukuthi kuqhutshwe izingxoxo ukuze kubhekwane nale nkinga. Isicelo se-AMSA sosizo lukahulumeni sihlanganisa ukuncishiswa kwentela yakwa-Eskom ngo-15%, ukuthuthwa kwensimbi okuthembekile nokungabizi kakhulu okuvela kwaTransnet, ukuncintisana okunobulungiswa nezinqubo zebhizinisi, kanye nokubuyekeza izinqubomgomo zemboni.
UMfundisi Zondi ukwamukele ukusungulwa kwethimba likazwelonke, eliholwa nguDkt. Tebogo Makube, kanye nemizamo eholwa nguMnu. Sisanda Mtwazi yokuqhuba izingxoxo phakathi kwe-AMSA nohulumeni. Kodwa-ke, uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ukwesekwa okuhlinzekwe kuze kube manje akwanele ukugwema ukuvalwa. Kanti lokuvalwa kwalenkampani kuzoba nomthelela omubi emnothweni wesifundazwe.
