
Kuntwela ezansi esifundazweni saKwaZulu Natal njengoba sikwaze ukuheha abatshali zimali kulesifundazwe engqungqutheleni ebibanjelwe e ICC nedonse izinsuku ezimbili 11-12 Lwezi 2024.
Lelithemba ngokuthuthukiswa komnotho wesifundazwe lifakazelwe isenzo sabatshali zimali sokuba bazibophezele ekutshaleni izigidigidi zezizumbulu ekwakhiweni komnotho wesifundazwe. Imali eqoqwe ngokuzinikela nokuzibophezela kwabatshali zimali ibe ngaphezulu kwaMabhiliyoni angamashumi ayisikhombisa osukwini lokuqala lwengqungquthela .
Uhla lwabatshali zimali ababe negalelo ekweluleni isandla kulolutshalo mali :
- Weston Shongweni iizibophezele ukutshala 15 Billion
- SAPPI Southern Africa izibophezele ukutshala 10,8 Billion
- SORTOR Investment izibophezele ukutshala 10 Billion
- DEVMCO izibophezele ukutshala 5,9 Billion
- Edison Property Group izibophezele ukutshala 4,2 Billion
- P&G Construction izibophezele ukutshala 3,6 Billion
- Toyota SA izibophezele ukutshala 2,7 Billion
- Collins Residentials izibophezele ukutshala 10 Billion
- Natal Portland Cement (Pty)Ltd izibophezele ukutshala 1,5Billion
- Moolman Group izibophezele ukutshala 1,5 Billion
- Insimbi Ridge izibophezele ukutshala 1Billion
- Richardsbay Minerals izibophezele ukutshala 850 Millions
- Defy Appliances (Pty)Ltd izibophezele ukutshala 500 Million
- Tinley Leisure izibophezele ukutshala 2,3 Billion
- Edstan Group yenze isibopho sokutshala 5,4 Billion
- GrowthPoint izibophezele ukutshala 800 Million
Ethula inkulumo yokuvula usuku lokugcina lwengqungquthela uMnu Edwin Mkhize oyilungu lebhodi yakwa Trade and Investment KwaZulu Natal uthe “sinethemba lokuthi usuku lwanamuhla soliphetha sesihlanganise amabhiliyoni ayikhulu sekuhlangene nezibophezelo zayizolo” Ukuhlwanyela kwabatshali zomali kusho ukukhula komnotho ,namathuba amaningi emisebenzi nakosomabhizinisi abasafufusa.
