
Ibe yimpumelelo inkomfa yokuthuthwa kwendle ebibanjelwe edolobheni lase Thekweni ehotela lase Coastland eliku Musgrave mhlaziyi 29-30 kuNcwaba 2024. Lenkomfa ibiveza isimo esikuso nezinselelo imikhandlu ebhekene nayo ukuletha izidingo. Kuphinde kwanezincomo nezethulo zezindlela ezahlukene zokusombulula isidingo sokuthuthwa kwendle.
Ukhansela Xolani Dube nongusihlalo weSALGA esifundeni KwaZulu-Natal ukhale ngezikweletu ezigcwele emiphakathini nokwenza kubenzima ukusebenza. “Mnu Ashley Starkey sinenkinga yokuthi siyakweletwa, izakhamizi zihleli phezu kwezikweletu okungathi mezikhokhwa zenze omasipala bakwazi ukuletha izidingo nokuhlinzeka ngokuthuthwa kwendle,hleze kumele sidingide ngamasu okuqoqa lemali emiphakathini yethu” kusho umhlonishwa Xolani Dube.
Lenkulumo yakhe uyenze emva kokuba uMnu Ashley Starkey ongumqondisi emnyangweni wezamanzi nokuthuthwa kwendle esifundazweni saKwaZulu Natal eveze izinkomba zokusilela emuva kwalesifundazwe ngokuhlinzekwa kokuthuthwa kwendle. UMnu Starkey ubuye wazwakalisa ukukhathazeka ngezinga lokumosheka kwamanzi kumasipala waseThekwini nathe kungama phesenti angama shumi amane nanhlanu 45% . UMnu Starkey ufakazise ngokuthi uzibonele mathupha amanzi exhaxhaza emgaqweni ngekathi eshayela imoto emgaqweni eqhamuka eDurban North eza kuyo lenkomfa.
Ezinye izinhlaka ezizimele nezikahulumeni okungabalwa Umngeni, MISA,BORDA, UKZN nezinye ezizimele bazibophezele ekusebenzisaneni nohulumeni ukuletha izisombululo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho intuthuko kumele isondezwe khona ,nabahlali basemijondolo abashiywanga ngaphandle ezinhlelweni zentuthuko bazohlomula kakhulu. Isiqubulo salonyaka besithi ‘Sanitation is Dignity’



