
Ibhodi labaqondisi beKwazulu-Natal Film Commission lizwile futhi liyasamukela isimemezelo esigunyaza i-Special Investigative Unit (SIU) ukuthi iphenye inqubo yokuthengwa kwempahla kuka 2018 ehlobene nokusungulwa kwe-Film Studios esiFundazweni. Onyakeni wezimali ka-2018/19, i-Kwazulu-Natal yaqala uhlelo lokuthenga ukuhlonza abahlinzeki bokutshalwa kwezimali ukuze kusungulwe izitudiyo zamafilimu esifundazweni. Inqubo itholwe inokungalungile nguMcwaningi Mabhuku-Jikelele ngokuthi umhlinzeki owahlonzwa akaphumelelanga ukuletha konke obekudingeka ukwanelisa ngokugcwele kwezokuphatha.
Ngokwenqubo yokwenza umsebenzi yalo, ibhodi le-KZNFilm lidlulisele lolu daba ku-SIU qinisekisa ukuthi zonke izimali izimali zikahulumeni ezithe zalahleka ngenxa yaloluhlelo zibuyiswe noma zitholakale. Ibhodi lizibophezele ukuthi kube nezinqubo zokuphatha eziphusile futhi uthemba ukuthi lolu hlelo lwe-SIU luzoletha isiphetho kulokhu udaba .
I-KZNFilm isazibophezele ekuqhubekiseni ukutshalwa kwezimali kwingqalasizinda yamafilimu esifundazweni sase KZN ukuqinisekisa ukuthi zikhona izinsiza ezitholakalayo zabenzi bamafilimu kanye nokukhulisa imboni embonini isifundazwe
