By Sabie Chili
Abahleli bomqhudelwano obaminyaka yonke we Pinetown Super Cup sebeqinisekise ukuthi konke sekumi ngomumo ngalemidlalo ezoqala ngomhlaka 16 isongwe zingu 19 Disemba ezinkundleni zase UKZN Edgewood campus
Lomqhudelwano okhula iminyaka yonke uhlelwa yi Isicelo Sport ephethwe inkakha eyayingumgadli eqenjini le Moroka Swallows uScelo Zuma.
Ihlukaniswe ngezigaba ezine okungu U11, U13, U15 no U19, kanti ungenelwe Amaqembu angu 32.
UScelo Zuma uphinde waveza umkomelo omuhle ohlanganisa abazali bezingane ezizobe zibambe iqhaza kulemidlalo
Umdlali ovelele kumqhudelwano kwizigaba ezahlukene ezine, abazali bakhe bazothola ithuba eliyinqayizivele lokuyovakasha ehotela lase Garden Court, kanti bazozikhethela izinsuku abazifunayo
Inhloso ukugqugquzela abazali beseke izingane zabo kwezrmidlalo
Lomqhudelwano usuneminyaka eyisikhombisa wasungulwa, kubukeka ukhula iminyaka yonke njengoba abazali beweseka kakhulu
Isiqubulo salonyaka kulemidlalo sithi #ISUKILE
se ziqhathiwe ngokwama groups, kanti ziqhathwe kanje:




