Lomkhankaso wokukhuculula uqaliswe esigcemeni sakwa J kwaMashu ngoMsumbuluko. Iqembu i David’s Champion iqalise ngokuthi ihlanze amaPassage omphakathi abesephenduke indawo yokudlala izinswelaboya ngenxa yokwena kwawo. Amalunga omphakathi ikakhulukazi abesifazane besekunzima ukuzithola behamba kulama passage ngenxa yokwesabela izimpilo Ngokusho kokhulumela iqembu i David’s Champion u Mfundisi Ndumiso Dlamini elandisa Injobo uthe” Adilona iqembu lepolitiki ,kepha iqembu lokuthuthukisa izimpilo zamadoda nokubutisa ithemba. Uqhube wathi lrliqembu lizimisele ukufukula amafoda ukwazi ukuzimela nokuqhuba amBusiness awo njengoba kubonakala engathi iningi lamadoda ilo elintula imisebenzi nokuwadaleka ingcindezi nokuphelelwa ukuzethemba. ” U Mfu.Dlamini uthi lemikhankaso yoku cleaner indlela yokuthi baziwe emphakathini ukuthi bakhona nokuthi i David’s Champion ivuleleleke kuwo onke amadoda ngosizo nobulungu” .



