Injobo iphephandaba lomphakathi elishicilelwa ngolwimi lwesizulu ngenhloso yokwelekelela umphakathi ukuba ungedlulwa amathuba kepha nawo ube nesabelo ezinhlelweni zomnotho.

Sonke siyazi ukuthi izazisi eziningi zishicilelwa ngolwimi lasentshonalanga nokuyimbangela yokuthi lonke ulwazi lusigeje ngenxa nje yolwimi olusetshenzisiwe. Nakuba kunjalo asigxilile ekugxekeni ezinye izizwe nezilwimi futhi asikhuthazi ukugxeka kepha siqonde kona ukwakha nokuthuthukisa isizwe sakithi.Injobo ishicilelwa inkampani ebizwa MBALINALA MEDIA nokuyiyo enobunikazi bonke bephephandaba. Sikwethulela amasu okubamba iqhaza kwezomnotho,amathuba avulelekile kwezezimboni,izindaba zakamuva emphakathini ,ezokungcebeleka namakhono kanye nezemidlalo.Lezindaba zitholakala njalo ngeviki ngokusivakashela kulenkundla yethu nasezinkundleni zokuxhumana kanti ikhophiyona ishicilelwa njalo ngenyanga.
